Moroka Swallows (1) 2
Stellembosch FC (0) 0
IMOROKA Swallows yandise amathuba ayo okuqhela unomphela otavataveni lokuyodlala kumaPSL Promotional Play-Offs ibhuquzisa iStellenbosch komunye wemidlalo yeDStv Premiership ebibhekiwe obudlalelwa eDobsonville Stadium, eSoweto, ngoMgqibelo ntambama.
Amagoli aqinisekise ukuthi iZinyoni zindiza nawo womathathu amaphuzu kulo mdlalo, avalelwe phakathi nguLindokuhle “Ma11” Mtshali ngesiwombe sokuqala. NelikaGabadinho Mhango ngesiwombe sesibili.
ISwallows ebalwa namaqembu ePremieship asemshikashikeni wokugwema ukuyodlala amaPlay-Off namaqembu eMotsepe Foundation Championship, ibiwadinga kakhulu la maphuzu ukuqinisekisa ukugwema ukuyodlala kule midlalo okuvame ukungayi olubuyayo kuyona.
Iqembu elizoqeda lisendaweni ka-15 kwi-log yePremiership lizodlala namaqembu amabili eseMotsepe Championship azoqeda isizini esendaweni yesibili neyesithathu ngokulandelana kwawo, emshikashikeni wokuzabalazela ukwenyukela kwiPremiership (kwaweChampionship) nokubuyela kwelePremiership kulesi sigaba esikhulu.
Ukuguqa kweStellenbosch kwiSwallows kulo mdlalo bekusho ukuphazamiseka komgqigqo wayo wokungashaywa emidlalweni engu-19 yePremiership kusukela ngoSepthemba, njengoba leli qembu lingagayelwa mphako kule sizini futhi libalwa nalawo asethubeni lokuzibekisela indawo emiqhudelwaneni yeConfederation of African Football (Caf) ekupheleni kwale sizini.
Nakuba isahlezi endaweni yesibili kwi-log ngamaphuzu angu-50 ngemuva kweMamelodi Sundowns, kodwa ukuhlulwa kwayo yiSwallows kulo mdlalo kuyibeka engcupheni yokudilika kule ndawo eyibanga ne-Orlando Pirates esendaweni yesithathu ngamaphuzu angu-49, nezodlala neRichards Bay FC ngoMgqibelo ebusuku, e-Orlando Stadium.
Nakuba iStellenbosch kuyiyona ekhombise ukuba phezulu ngomdlalo, kodwa iSwallows yiyona eyenze isiqiniseko sokusebenzisa elinye lamathuba ewatholile ngesiwombe sokuqala, isiphekepheke somdlali wasesiswini uLindokuhle Mtshali eshaya ingcwenga yegoli ngomzuzu ka-34 engaphandle kancane kwebhokisi ngemuva komnyakazo omuhle wokuphaselana phakathi kwakhe noMhango.
Yize nangesiwombe sesibili iStellies ibiphezulu ngomdlalo, kodwa akuyisebenzelanga lokho njengoba ingawasebenzisanga amathuba ebiwathola.
Ibe seyijeza ngalokho ngenkathi uMhango obezithwalise kanzima izitobha seStellies egqashuka evalela phakathi igolil lesibili leZinyoni ngomzuzu ka-73 nokuyilona eliqinisekise ukuthi amaphuzu amathathu asala eDobsonville.
IZinyoni njengamanje ezisendaweni ka-13 kwi-log ngamaphuzu angu-32 emidlalweni engu-28 ngokwezibalo kubukeka seziya ngokuphepha emshikashikeni wokuyodlala kumaPlay-Off, njengoba zilandelwa yiRoyal AM endaweni ka-14 ngamaphuzu angu-29 ngaphambi komdlalo wayo neSundowns, neRichards Bay endaweni ka-15 ngamaphuzu angu-24 ngaphambi komdlalo wayo nePirates.
Imidlalo yeDStv Premiership:
Polokwane City 0-0 Sekhukhune United; Moroka Swallows 2-0 Stellenbosch FC