OWAYENGUMQEQESHI weqembu lesizwe lakuleli lebhola, uClive Barker, uzofihlwa eThekwini, ngoLwesine.
Lokhu kudalulwe ngumndeni walolu qweqwe lomqeqeshi izolo, ngemuva kokuthi edlule emhlabeni ngoMgqibelo odlule, kulandela ukuxinwa yisifo iLewy Body Dementia.
UBarker (78) wayecija iBafana Bafana ngesikhathi inqoba i-Africa Cup of Nations (Afcon) ngo-1996, nangesikhathi izibekisela indawo eNdebeni yoMhlaba ka-1998, eyadlalelwa eFrance.
Eminye imininingwane mayelana nenkonzo yomngcwabo wakhe nenkonzo yesikhumbuzo izodalulwa ngokuhamba kwesikhathi.
“Kubalulekile ukuthi ubaba aphelezelwe ngendlela enesizotha. Sithanda ukubonga kuhulumeni wesifundazwe nokazwelonke ngokuhlonipha ubaba ngendlela emfanele,” kusho enye yamadodana akhe, uJohn Barker.
Umngcwabo uzosingathwa uhulumeni wesifundazwe iKwaZulu-Natal. UNgqongqoshe wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko, uMnuz Zizi Kodwa, ubengomunye wezikhulu ebezivakashele ekhaya lakhe ngoLwesibili ekuseni, ukuzodlulisa amazwi enduduzo emndenini.
“Ngihlanganyela nezigidi zabantu baseNingizimu Afrika ekudluliseleni amazwi enduduzo emndenini kaBarker nakuwo wonke umkhakha webhola,” UKodwa ubeke kanje.
“UClive ungumuntu okumele ahlonishwe ngeqhaza alibamba ekukhuphuleni amathemba ezweni lethu ngesikhathi kuqala umbuso wentando yeningi. Yena neqembu lakhe ebeliholwa ngukaputeni uNeil Tovey, badlala indima enkulu ekubuyisaneni kwezinhlanga ezihlukene kuleli.
“Walwa nokucwasana ngesikhathi esadlalela iDurban City, evikela abadlali abamnyama. Esengumqeqeshi wakhetha iqembu elalinabadlali abasezingeni eliphezulu kodwa futhi elalihlanganise izinhlanga ezihlukene zakuleli.”
UMengameli weSouth African Football Association, uDanny Jordaan, uthe umdlalo wangoMgqibelo wokuhlungela i-Afcon phakathi kweBafana Bafana neMorocco, ozodlalelwa e-FNB Stadium eGoli, uzoba ngomunye wemicimbi ezosetshenziselwa ukubungaza lo mqeqeshi.
“Sifuna ukukhumbuza umndeni kaClive ukuthi ulime ndima enkulu ebholeni lakuleli. NgoMgqibelo, sibeke isiphakamiso esigungwini sethu sikazwelonke sokuthi uhlelo lokuthuthukisa abaqeqeshi luqanjwe ngaye,” kusho uJordaan.
“Lokho kuzogqugquzela abanye abaqeqeshi ukuthi bafise ukuhamba ezinyathelweni zakhe njengoba kusenguye yedwa owanqoba i-Africa Cup of Nations neBafana Bafana. Sifuna ukugcizelela ukuthi siyakwazisa lokho.
“Sinomdlalo neMorocco ngoMgqibelo futhi sifuna neqembu lethu leBanyana Banyana lifike lizohlonipha uClive, liphinde lidlulise ukubonga nokuzwelana nomndeni.”
UNeil Tovey, owayengukaputeni ngesikhathi iBafana inqoba i-Afcon ngo-1996, uthe: “Ngikhulumela isikwati seBafana Bafana sango-1996, bonke abadlali abadlale eqenjini lesizwe nabo bonke abadlali bebhola kuleli nezinye izinhlobo zemidlalo uma ngithi siyazi ukuthi uClive ubeyindoda enjani.
“Siphatheke kabi sonke kodwa siyazi ukuthi ufuna siqhubeke nokuthokozela into abeyithanda nathi esiyithandayo, okuwumdlalo webhola. Ubengumqeqeshi osezingeni eliphezulu futhi ebathanda abadlali.
“Yingakho iqembu lango-1996 lenza izimanga, yingoba wasivumela ukuthi sidlale ngokukhululeka, sijabulele ukumela izwe lethu. Akaphumelelanga neqembu lesizwe kuphela kodwa uyibekile induku ebandla kuwo wonke amaqembu awaqeqeshile.”
Ngaphandle kokuqeqesha iBafana kusukela ngo-1994 kuya ku-1997, uBarker waqeqesha nenqwaba yamaqembu afana naMaZulu, Durban City, Santos, Bush Bucks, Bidvest Wits, Mpumalanga Black Aces, Maritzburg United namanye.
Esadlala wayeyibamba esiswini kwiDurban City neDurban United ngeminyaka yawo-1960 ngaphambi kokuthi alimale edolweni.