KUSAZOTHATHA isikhathi ukuthi abonakale enkundleni uKhama Billiat, ngokusho komqeqeshi waleli qembu u-Arthur Zwane, obekhuluma nabezindaba izolo, ngaphambi komdlalo weDStv Premiership neRoyal AM ongeSonto ngo-5.30 ntambama, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
UBilliat ogcine ukubonakala kwiSoweto Derby ngo-Okthoba, wonyaka odlule ngenxa yokulimala, bekufanele aqale umdlalo waMakhosi neMamelodi Sundowns ngeledlule kodwa kuthe sekusondele (usuku lomdlalo) waphinde wathinteka.
Akuyena yedwa uBilliat osenkingeni yokuhlushwa wukulimala ngokusho kukaZwane kodwa noPhathutshedzo Nange, Eric Mathoho noCole Alexander, bonke basenkingeni efanayo.
UZwane oya emdlalweni wesine engayazi iwini emuva kokuhlulwa kwemithathu edlule, akaxhamazeli futhi ufisa nabalandeli beChiefs basike iphethini kuyena ngethemba lokuthi ekugcineni konke kuzolunga.
“Izikhathi ezinzima ebholeni ziyafika kodwa okuhle ngazo wukuthi ziyadlula njengoba kuzokwenzeka nakithi,” kusho uZwane.
“Kukhona abehlelwe yifomu okuyinto eke yenzeke ebholeni bese kubakhona nabadlali abafana noBilliat obeseqalile ukuziqeqesha nabanye kodwa waphinde wathinteka ngeledlule.
“Akuyena yedwa kepha baningi. Okwethu ukuthembela kulokhu esikholelwa kukhona, bese siyazama ukukhuphula umfutho siqinisekise nokuthi amathuba esiwakhayo siyawasebenzisa.”
Lo mqeqeshi ufisa ukuthi abalandeli beChiefs bakuqonde ukuthi izikhathi azisafani nakudala.
“IChiefs beyaziwa ngokuthi ithola noma yimuphi umdlali emfunayo kodwa sekushintshile lokhu ngoba nezikhathi sezishintshile.
“Wonke amaqembu asengamelana neChiefs uma kubangwa abadlali nokwenza izinto zibenzima futhi okugcina kusiphoqa (siyiChiefs) ukuthi sigcine sithola abadlali abangesilo uhlobo esisuke silufuna.
“Ngibaqonda kahle abalandeli bethu ngokufuna izinkomishi noma imiphumela encomekayo ngoba lokhu yikho abakujwayele, kepha kwesinye isikhathi, izinto zihamba ngendlela obungahlelile ngayo.
“Kunabadlali abaningi abalimele kodwa lokhu akusona isizathu sokucasha ngesithupha ngaphandle kokuveza nje ezinye zezingqinamba esibhekene nazo.”
UZwane uyaqonda ukuthi bazizwa kanjani abantu ngaye nendlela awenza ngayo lo msebenzi kodwa ukukhulela kuwona Amakhosi kumenza angaxhamazeli ngakho konke akwenzayo.
“Okubhekwe kuwe kwiChiefs kuhlale kukukhulu ngakho-ke ngiwuqonda kahle umsebenzi osemahlombe ami. Kuhle kwesinye isikhathi kubi. Okwami wukuthwala nokuqonda izikhalo zabalandeli ukuze kuvikeleke abadlali bami,” usho kanje.
“Yonke imidlalo imqoka futhi asifuni ukuzixaka ngemiphumela edlule neRoyal AM ngaphandle kokucabanga ngamaphuzu amathathu.”
Imdlalo yePremiership ngempelasonto:
Namuhla - Stellenbosch v CT City eDanie Craven, ngo-7.30pm.
Kusasa - Sundowns v Sekhukhune eLoftus Versfeld, ngo-3.30pm;
Swallows v SS United eDobsonville, ngo-5.30pm; Gallants v Pirates eRoyal Bafokeng, ngo-8pm.
NgeSonto- R’Bay v AmaZulu eKing Zwelithini Stadium, ngo-3.30pm; Chippa Utd v Maritzburg Utd eNelson Mandela Bay, ngo-3.30pm; K’Chiefs v Royal’AM ePeter Mokaba, ngo-5.30pm; Galaxy v G’Arrows eMbombela Stadium, ngo-5.30pm.