ISICENTIWE indlela kaThamsanqa “Gandaganda” Gabuza ebheke kwiStellenbosch FC emuva kokuqinisekisa kwenhloko yabaqeqeshi kuleli qembu, uSteve Barker, ukuthi bamfuna uthuli lo mgadli weSuperSport United ophelelwa yinkontileka ngoJuni.
Indaba kaGabuza naleli qembu laseKapa iqale ukusabalala ngeledlule.
Kuleli sonto noBarker obexoxa ngomdlalo womkhaya baseKapa weDStv Premiership neCape Town City okusasa ntambama, unike isithombe esicacile ngalo mgadli waseMnambithi oke wayibamba nakwi-Orlando Pirates.
Empeleni lo mqeqeshi uze waveza negama lika-Iqraam Reyners, naye odlalela iSuperSport.
“Bukhona ubuqiniso kumahlebezi okuthi siyabazama uGabuza noReyners futhi sifisa kuqambe kuvalwa iwindi lokushintshana ngabadlali sesiqedile nabo,” kusho uBarker.
“Nakuba ngingenalo ulwazi olugcwele kodwa akekho kubona esesiqedile naye kodwa kungenzeka noma yinini.”
UBarker akazange afihle ukuthi uReyners ungomunye wabadlali abamqoka kubona kwazise ube nesandla ekutheni bakhuphukele esigabeni esikhulu ngakho-ke uma kuvela ithuba lokumbuyisa, ngeke baliyeke.
“Uyohlale enendawo ezinhliiziyweni zabo bonke abaxhumene neStellies, uReyners kwazise ubengumshayi-magoli oqavile kithina ngaphambi kokuthola amadlelo aluhlaza.
“Bonke abadlali abangasisiza siphume kulesi simo esikusona siyabadinga kodwa izifiso zethu akufanele zikhombise ukungayihloniphi iSuperSport,” kusho uBarker.
IStellies sekuphele imidlalo eyisishiyagalolunye ingayazi iwini yeligi.
Imizamo yokuthola uStan Matthews, oyisikhulu esiphezulu kwiSuperSport ayiphumelelanga kwazise ubengalubambi ucingo. Nokho ngokomthombo ongaphakathi, Okuzokwenza umqeqeshi uGavin Hunt avume ukudedela uGabuza, wukuthi akafuni ukuhlala nabagadli abadala bodwa kwazise benoBradley Grobler baneminyaka engu-35 ubudala.
Eqinisweni usembonile nomdlali osemncane azovala ngaye isikhala.