LIPHINDE laqhubeka ishobolo laMaZulu FC lokwehluleka ukuwina imidlalo eshaywa yiStellenbosch FC ngo 2-0 emdlalweni weDStv Premiership obudlalelwa eDanie Craven Stadium, eStellenbosch, ngoLwesihlanu ebusuku.
Umgadli weStellenbosch, u-Iqraam Rayners, ovutha uphondo kulezi zinsuku uqhubekile nokukhombisa ukuba ngumgadli oyingozi nakulo mdlalo eshayela ezakhe igoli lokuqala ngomzuzu ka-17 ngesiwombe sokuqala.
Kwathi elesibili lavalelwa enethini wuDevon Tetus ngesiwombe sesibili ngomzuzu ka-76, nokuyilona goli okubukeke liqeda umoya AmaZulu abesekhombisa izimpawu zokubuya emdlalweni.
URayners osanda kukhuza ibuya kwiStellenbosch ayijoyine ngoJanuwari esuka kwiSupersport United abesedlale kuyona amasizini amathathu, usehlohle amagoli ayisishiyagalolunye okubalwa namane awashaye kwiNedbank Cup selokhu ebuyele kwiStellies ngoJanuwari.
IStellenbosch engagayelwa mphako kulezi zinsuku nebivele ize kulo mdlalo ithelwe ngezibonkolo kulandela ukubhaxabula kwayo i-TS Galaxy ngo 6-3 koweNedbank Cup Last 16 ngeledlule, iya ngokuya ikhombisa izimpawu zokuba yiqembu eliyingozi muva nje nelisethubeni lokuqeda isizini libalwa namaqembu akwiTop 8.
Ngokunqoba lo mdlalo waMaZulu kusho ukuthi iStellies emidlalweni emihlanu yokugcina yeligi yakamuva esiyidlalile isinqobe emine, yadlala ngokulingana kowodwa.
Kanti ngakolunye uhlangothi kubukeka kubheda uhlelo kuMaZulu, futhi kuqonga nengcindezi kumqeqeshi waleli qembu, uRomain Folz, njengoba emidlalweni eyisikhombisa yeligi kusukela ngoJanuwari lisanqobe umdlalo owodwa kuphela lehlulwa kwemibili ladlala ngokulingana kwemine.
Ukuqhubeka nokulahla amaphuzu ngale ndlela kwaMaZulu kuya ngokuya kuwahlehlisa kwi-log yePremiership, njengoba kumanje esendaweni yesishiyagalolunye.
Nakuba uFolz, odume ngelika-”Fohloza”, kungakapholi maseko elulelwe inkontileka ngabaphathi boSuthu okubukeka bekhombisa okukhulu ukumeseka, kodwa ukuqhubeka kokugqoza kwemiphumela ngale ndlela kubukeka kungase kumdalele amazinyo abushelelezi.
Kwenzeka lokhu nje akukapholi maseko leli qembu lephule izinhliziyo zabalandeli balo liwashiswa ijezi yiqembu elidlala kwiSafa ABC Motsepe League, iDondol Stars kwiNedbank Cup Last 16, ngeledlule.
Khonamanjalo, ziphinde zanda izinkinga zeSwallows FC elwa nokuvika izembe ishaywa ngo 1-0 yiLamontville Golden Arrows , komunye umdlalo weDStv Premiership obuseDobsonvllle Stadium, eSoweto ngawo uLwesihlanu ebusuku.
ISwallows ishaywa yi-Arrows nje isanda kulaxazwa wumqeqeshi wayo, u-Ernst Middendorp, osule isigubhukane ngeledlule wabhekisa amabombo kwelakubo eGermany, lapho aseqashwe khona ngelinye iqembu elidlala kwiSecond Division.