IBUYA ngemidlalo eshubile iligi yeDStv Diski Challenge, okuvalwe ushisa phansi umbango wokuhlala esicongweni sayo.
IDiski Challenge ivale kuqala kunamanye amaligi eMzansi nyakenye, ngoba bekulungiselelwa umqhudelwano weNdebe yoMhlaba, nekhefu lamaholidi okuphela konyaka. Maningi amaqembu okuvalwe esephazamisekile emgqigqweni ngenxa yokuthi abadlali bebebhala izivivinyo zokuphela konyaka ezikoleni.
Lokhu kuholele ekutheni aphunyukwe ngamaphuzu amqoka. Nokho kukhona ahlomulile ngale nhlupheko yabanye, aqoqa amaphuzu aholele ekutheni enyuke kwi-log. Elinye lamaqembu avale unyaka ehleka wodwa yiTS Galaxy ebingaqalanga kahle isizini.
Kusasa, iGalaxy izothola isivivinyo sonyaka omusha uma isibhekene neCape Town City okuphele unyaka ihlezi phezulu kwi-log ngamaphuzu angu-23 emuva kwemidlalo engu-10. Umdlalo uzoba seSolomon Mahlangu Stadium, KwaMhlanga, ngo-12.30 emini. Nakuba iCity ikhombise ukulahlekelwa wumgqigqo sekuyophela unyaka kodwa ivuke yazithatha, yaqoqa amaphuzu agcwele emdlalweni wokugcina ixebula AmaZulu ekhaya. Inselelo ebhekene neCity wukukhombisa ukuthi akulona iphutha ukuhlala kwayo esicongweni se-log.
USuthu, olusendaweni yesithathu kwi-log yeDiski, luzoqhubeka nempi yokuwina iligi. Ngesizini edlule, leli qembu lihluleke ekugcineni ukuthola indawo emaqenjini ayisishiyagalombili aqede phezulu, lasala ngaphandle emqhudelwaneni iDStv Diski Shield. Nokho kule sizini, AmaZulu aphumele obala ngokuthi afuna ukuwina iligi. Isifiso soSuthu siyafana nese-Orlando Pirates esendaweni yesibili kwi-log.
Umthwalo usemahlombe omqeqeshi omusha uJoseph Makhanya oshaya ngabadlali abasha kodwa ababukeka benekhono. UMakhanya ugixabezwe ngalesi sikhundla ngemuva kokuxoshwa kukaMandla Qhogi ohluleke wancama ukuwina izindebe kwiDiski Challenge. IPirates iyona kuphela emaqenjini athathwa njengamakhulu eMzansi engakaze iwine lutho kwiDiski Challenge kusukela yasungulwa ngo-2014.
Abafana bakaMakhanya banengcindezi yokuqoqa amaphuzu amathathu uma sebebhekene neChippa United kusasa. Kungenzeka lo mdlalo ucacise okuningi ngesizini yabo ikakhulukazi ngoba ngesizini edlule, eZimnyama ziphuyukwe yisicoco seligi emuva kukaKhisimusi ekubeni zivale unyaka zihlezi phezulu kwi-log.
Omunye umdlalo obhekwe ngabomvu ngoweKaizer Chiefs neStellenbosch okungamaqembu amabili ahlomulile ngeligi yeDiski Challenge ngokunyusela abadlali esikimini esikhulu emasontweni adlule. IChiefs, esendaweni yesithupha neStellies ekweyesine, bazogijimisana eSolomon Mahlangu Stadium ngeSonto ngo-12.30 emini.
Imidlalo yeDStv Diski Challenge:
KUSASA: Ngo-10am: Sekhukhune United v Richards Bay (Isak Steyl Stadium); Maritzburg United v Golden Arrows (Harry Gwala Stadium); Marumo Gallants v Royal AM (Old Peter Mokaba Stadium); Orlando Pirates v Chippa United (Solomon Mahlangu Stadium).
Ngo-12.30pm: TS Galaxy v Cape Town City (Solomon Mahlangu Stadium).
NgeSonto - Ngo-10am: AmaZulu v SuperSport United (King Zwelithini Stadium); Swallows v Mamelodi Sundowns (Solomon Mahlangu Stadium).
Ngo-12.30pm: Kaizer Chiefs v Stellenbosch (Solomon Mahlangu Stadium).