NAKUBA abanye abadlali beMamelodi Sundowns beqhubeka nokubhakuzisa inethi kodwa akagculisekile umqeqeshi wayo, uRhulani Mokwena.
Kayimhleli kahle umqeqeshi indlala yamagoli ehlasele isithandwa sakhe somgadli uPeter Shalulile, esisaqabulise inethi kanye kusukela ngoNovemba nyakenye.
UMokwena okucacisayo ukuthi isimo sikaShalulile asimenzi ukuthi aphelelwe ubuthongo ebusuku, udalule lokhu ngoLwesithathu esithangamini nabezindaba eGoli, ngaphambi komdlalo we-Last 16 yeNedbank Cup neMaritzburg United ongeSonto ngo-6 ntambama, eLoftus Versveld.
Unyazi lomgadli waseNamibia, oselukhonye amasizini amabili elandelana emklomelweni womshayi wamagoli ovelele kwiDStv Premiership, lusashaye igoli elilodwa emidlalweni engu-12 yayo yonke imiqhudelwano.
“Ngabe ngisenga ezimithiyo uma ngithi ngikhululeke ngokugcwele ngendaba kaShalulile yokugqoza kwamagoli kodwa iqiniso ukuthi nguyena uqobo engimzwela ubuhlungu ngaphezu kweqembu,” kusho uMokwena.
“Njengabo bonke abagadli bohlobo oluphambili noShalulile uphila ngokubhakuzisa inethi manje uma lokho kungenzeki, nakanjani kuba nenkinga. Ngikhathazekile ngaye kodwa ngiyamfihlela.
“Kulezi zinsuku sisebenza kakhulu nabagadli okwenza ngiqaphele ukuthi isonto lonke ubewaqhulula amagoli ejimini ngonyawo lwakhe lwangakwesokunxele.
“Ngisanda kumbuza ukuthi ngabe sekuyikhona ukubuya kukaShalulile engimaziyo waphendula ngokuthi uthemba ukuthi sekuwukubuya konyawo lwakhe lwangakwesokunxele (engaziyo ukuthi lusamhlupha namanje),” kulandisa umqeqeshi weSundowns.
Ngokusho komqeqeshi, uShalulile uke waba nenkinga yokuthinteka yize bekungatheni kodwa kusobala ukuthi kumphazamisile.
“Sisebenza kakhulu naye uqobo kulezi zinsuku ngenhloso yokumbuyisela ekubeni ngumqemane ngokwanele. Konke okunye kuzozenzekela emuva kwalokho,” kuqhuba uMokwena.
UMokwena uzishaya isifuba nokho ngokungenelela kwabanye babagadli bakhe njengoba indlala isahlasele kuShalulile.
“Njengoba ngihlale ngisho, mina nethimba lami sinenhlanhla yokuqeqesha abadlali abawuhlobo lwabantu beqophelo eliphezulu.Bonke abadlali abanikwa ithuba bazimisele ukwenza ngakho konke okusemandleni, ukuthi kungabonakali ukuthi kukhona ongekho ngesikhathi esifanayo iqembu liqhubeke nemiphumela elindeleke kulona.
“Nakulo mdlalo weMaritzburg esingangabazi ukuthi uzoba nzima kuzovuleka amathuba kwabanye abadlali ukuthi bafake isandla okuyinto engiziqhenyayo ngokuba nenhlanhla yayo,” kuphetha uMokwena.
Imidlalo yeNedbank Cup Last 16:
Namuhla - Ngo-7pm: Mliford v Stellenbosch (Princess Magogo Stadium).
Kusasa Ngo-3pm: Chippa United v Ravens (Buffalo City Stadium); Richards Bay v SuperSport United (King Zwelithini Stadium).
Ngo-6pm: Orlando Pirates v Hungry Lions (Orlando Stadium).
NgeSonto - Ngo-3pm: D’General v TS Galaxy (Free State Stars).
Ngo-6pm: Mamelodi Sundowns v Maritzburg United (Lucas Moripe Stadium).