USHAYE phansi ngedolo wabonga uNkulunkulu, umqeqeshi weTshakhuma FC, uLucky Nelukau, eqhathwa nomkhaya bakhe, iMarumo Gallants, ayisola “ngokubantshontshela” inkomishi yeNedbank Cup.
La maqembu aseLipompo, azobhekana kowandulela owamanqamu eNedbank ngo-Ephreli 30.
Kuzoba umdlalo wasekhaya kwiTTM eyibamba kwiGladAfrica Championship.
Ngesizini edlule, inkomishi yeNedbank ehambisana nesamba sikaR7 million nokuyodlala kwiCaf Confederation Cup, inqotshwe yiyo iTTM, ishaya iChippa United kowamanqamu.
Ngenxa yokuntula inkece, ngasekupheleni kwesizini, uLawrance Mulaudzi ongumnikazi weTTM, uyidayisele u-Abram Sello ongumnikazi weGallants, isitifiketi sokudlala kwiDStv Premiership.
Inkomishi nelungelo lokuyodlala kwiConfederation libe selinikwa ezikaSello.
Kungalindele muntu ngaphambi kokuqala kwephezulu, uMulaudzi ukhuze ibuya ebholeni, wathenga eseRoyal AM sokudlala kwiGladAfrica.
UShauwn "MaMkhize" Mkhize weRoyal AM ubesethenge eseBloemfontein Celtic sokuyibamba esigabeni esikhulu.
Nakuba iTTM kungayihambeli kahle kweyeligi kodwa kwiNedbank seyizakhele igama ngokushaya izinkunzi eziyibamba kwiPremiership.
Kowe-Last 32, iwashise iLamontville Golden Arrows, ijezi.
Kowe-Last 16, ishaye iSinenkani kwathi ngempelasonto edlule kowama-quarterfinal, yathela kamuva njengembumba, ishaya iSuperSport United ngo-3-2.
"Ngingomunye wabasunguli beTTM. Angazi ngingabuchaza ngithini ubuhlungu engabuzwa iGallants ithenga isitifiketi sethu sokudlala kwiDStv Premiership. Yasiphuca inkomishi yeNedbank, abadlali bethu nelungelo lokuyodlala kwiConfederation Cup.
“Yingakho yashesha yaphuma kwiCaf, nabanikazi bayo bayazi ukuthi bebengakufanele ukudlala khona. U-80% wabadlali beGallants, wasayiniswa imina kwiTTM. UNkulunkulu usebenza ngenye indlela. Uvele wasiqhatha neGallants kowandulela owamanqamu eNedbank ngoba efuna ukusinika ithuba lokuyiphenya izinqa
"Kalikho iqembu engizolithambela. Ngibala neSundowns uma kwenzeka sigcina sibhekana nayo. Ngikholelwa ekutheni uNkulunkulu ufuna ukusibuyisela inkomishi yethu," kusho uNelukau.
Ngesonto eledlule, lo mqeqeshi ubonakale ebhentshini edlubhe izimpahla ezinemibala yamasosha. Ebuzwa ngalokhu, ucashunwe kweminye imithombo yabezindaba, ethi uhlonipha u-Arnold Mudau, amchaze njegabebesondelene neqembu njengoba ayekhona lisungulwa. UMudau ushone engozini yemoto emasontweni edlule.
IKwi-log yeGladAfrica, iTTM ikunombolo-12, ngamaphuzu awu-27, kwewu-24. Kwegcine ukuwudlala weligi ishaye iFree State Stars ngo-2-1.
Kusasa, ngo-3 ntambama, e-Olen Park Stadium, izobhekana nePlatinum City Rovers.
Ebuzwa uNelukau ukuthi ngeke ibaphazamise yini iNedbank ekwenzeni kahle kwiligi, uthe: "Ngeke nakancane, sithatha umdlalo ngamunye. Uma sike sanqoba kulandelana kwiRovers nakwiBlack Leopards, sizobe sesilivikile izembe. Eyesicoco seligi sizoyibona ngesizini ezayo.“
Imidlalo yeGladAfrica Championship:
Namuhla: Ngo-3 pm: Cape Town All Stars v Polokwane City (Athlone Stadium); Venda Football Academy v Cape Town Spurs (Thohoyandou); Jomo Cosmos v Free State Stars (Globe Park); TS Sporting v Black Leopards (Kabokweni); Hungry Lions v Pretoria Callies (Tafel Lager Park).