IRICHARDS Bay FC iyohlala isenhliziyweni yomdlali waseThekwini, uSiyabonga Dube, obese kungathi kuphelile ngaye ebholeni elikhokhelayo kulandela ukulimala akuchaze njengokwashiya kwayena edidekile.
UDube (29) oyibamba emuva, usanda kusayiniswa iBay kulandela ukuhlukanisa kwakhe isigubhukane neqembu laseKosovo, i-KR Liria Prizren nyakenye.
Ngaphambi kokujoyina iLiria uDube ushiye kwiLamontville Golden Arrows ngendlela engaqondakalai kubikwa ukuthi ulimele.
Ngokusho kwakhe waqoma ukungabuyeli kwi-Arrows ngenxa yokulimala edolweni namanje athe akakwazi ukukuchaza.
Lo mdlali owayeyingxenye ye-Arrows eyadla isicoco sesigaba esiphakela esikhulu esesibizwa ngeMotsepe Foundation Championship ngo-2013/2014, uxoxe neSolezwe ngokubuya kwakhe ebholeni elikhokhelayo kuleli.
“Angizange ngixoshwe kwi-Arrows kodwa ngathinteka kuvalwe isizini okwenza ngangabuyela kuyona ngesikhathi sekuvula isizini,” kusho uDube.
“Ngalimala kwi-Arrows kanti vele inkontileka yami iyaphela. Ngahlala isikhathi eside ngingapholi ngaze nganquma ukuthi ngingabuyeli emsebenzini yize i-Arrows yayisangilindile.
“Ngizishaya isifuba ngengizenzele khona ngesikhathi ngilimele kwaze kwaba ngiyaqala ngiyezwa sengathi kuyalulameka.
“Ngibahambe cishe bonke odokotela abathenjiwe kodwa bonke bangitshela ukuthi ababoni lutho. Ngaleso sikhathi angikwazi ukwenza lutho ngenxa yezinhlungu.
“Kungithathe izinyanga eziyisikhombisa ukuzelapha ngendlela yami kwaze kwaqala kwaba sengathi kubangcono.
“Nginqume ukudlala ezitekini ngoba ngiqonda ukuthi alikho iqembu ebelizongithatha ngingaluleme ngokugcwele.
“Kuleyo midlalo (yeziteki) kulapho kwavela khona insizwa exhumene nebhola laseKosovo nangempela ngathola iqembu.
“Ngidlale kahle eKosovo ngesizini edlule futhi konke bekuhamba kahle kodwa izinto zaphinde zajika zaba muncu ngabuyela ekhaya,” kuqhuba uDube ngaphandle kokunaba ngokwenzeka eKosovo.
“Engithanda ukukuqhakambisa ukubonga kusihlalo weBay, (uJomo Biyela), ngokunginika elinye ithuba lokuthi ngizibonakalise esigabeni esikhulu,” kusho yena.
“Njengabo bonke abanye abafana nami sengiyakwazi futhi ukubeka isinkwa etafuleni nokuthengela izingane ezikudingayo.
“Bese siside isikhathi ngihleli ekhaya. Kulo mkhakha wethu ukuhamba kwesikhathi ungabonakali kuvamise ukulandelwa ukuphela komsebenzi.
“Ngiyohlala ngimazisa usihlalo weBay ngethuba anginike lona kumnyama. Ngizokwenza konke okusemandleni ukumkhombisa usihlalo ukuthi akazange enze iphutha ngokungitakula.
“IBay ibunjwe ngenqwaba yabadlali abanezizathu ezahlukene kodwa zonke ezimqoka ngokuba kuyona okusenza ingozi emaqenjini amaningi,” kuqhuba uDube.
UDube useke wayidlala eminye yeBay selokhu efikile kodwa ubengekho ngempelasonto edlule bekhishwa iMagesi FC kowandulela owamanqamu weCarling Knockout.