NAKULOKHU kulindeleke ukuthi umqhudelwano we-Uefa Euro 2024 oqala ngoJune 14 kwelaseGermany ukhiqize isizukulwane esisha sezihlabani zebhola lomhlaba njengoba wenzile eminyakeni edlule uveza uCristiano Ronaldo wasePortugal noWayne Rooney wase-England besengabafana.
Kwi-Euro ka-2004 eyayibanjelwe ePortugal osekungumlando ukuthi isicoco sakhona sagoduka neGreece, uRonaldo owayeneminyaka engu-19 noRooney owayenengu-18, bazethula ebholeni lomhlaba.
Bobabili laba badlali bashaya amagoli abo okuqala eqenjini lesizwe ngokwahlukana kwi-Euro, okwenza nakulokhu kubhekwe ngabomvu ukuthi kubadlali abaneminyaka engaphansi kwengu-20 ubudala, yibaphi abazoba nesandla ekuthwaleni amazwe abo ebheke empumelelweni kulo mqhudelwano ozoqala ngoLwesine oluzayo.
Enye yezimbangela zokuthi ubhekwe ngabomvu lo mqhudelwano ukuthi kunabadlali abaningi abancane abebegqamile emaqenjini abo ngaphambi kokuphela kwesizini edlule.
Phezulu eqhulwini kuhleli uJude Bellingham we-England ozohlanganisa iminyaka engu-20 ngoJuni 29, ofike ngesizini yakhe yokuqala kwiReal Madrid waba omunye wabadlali abamqoka ekubeni esewumfana.
Ngendlela uBellingham adlale kahle ngayo ubhekwe nasemklomelweni we-Ballon d’or ka-2024.
Amathemba eSpain azobe ebekwe nasemahlombe kamfana omncane, uLamine Yamal (16), othe angakhushulelwa esikimini esikhulu seFC Barcelona kwacaca ukuthi leli qembu elilale isibili kwiLa Liga ngeke lisakwazi ukudlala ngaphandle kwakhe.
Kuzoze kuqale i-Euro 2024 uYamal engakayihlanganisi iminyaka engu-17 ubudala.
EFrance, uWarren Zaire-Emery (18), okubhekwe lukhulu kuyena kulandela ukugqama kwakhe kwiPSG ayisize yaphinde yadla isicoco saseFrance.
Lo mdlali usevele uthathwa njengesinye sezithenjwa kuleli qembu lesizwe elibophele lonke ubisi lwabadlali ongalucabanga.
U-Arda Guler (19), waseTurkey naye ofike kwiMadrid kwacaca kangangokuthi ube nesandla ngamagoli endleleni yaleli qembu ebibheke ekudleni isicoco seligi nese-Uefa Champions League.
Osokhaya kubhekwe lukhulu kubona kodwa uJamaal Musiala (21), uyena ozobe edlala indima yomfana omncane okunguyena okufanele akhuphule amathemba abantu baseGermany abahlale njalo belindele ukuthi iqembu labo kube ilona eliqukulayo.
Nomdlali ofana noCole Palmer (21), we-England neChelsea akulula ukumshiya ngaphandle kubafana abancane okubhekwe umlingo kubona.
Yinto efanayo nakuXavi Simons, waseNetherlands obegqame kakhulu kwiRB Leipzig yaseGermany ngesizini edlule.