UMQONDISI wezekhilikithi kuleli, u-Enoch Nkwe, uyathemba ukuthi uqine ngokwanele ukaputeni weqembu lesizwe lekhilikithi labesilisa, uTemba Bavuma, njengoba ezolihola eNdebeni yoMhlaba yemidlalo yosuku olulodwa ezoba se-India kusukela kusasa.
AmaProteas azongena kulo mqhudelwano ebheke ukuqeda ishobolo leminyaka lokuhluleka ukungena kowamanqamu, nakuba selizame ngamaqembu ehlukene aqinile.
Iqembu lakuleli selidlale eNdebeni yoMhlaba yemidlalo yama-over angu-50 (ODI) kusukela ngo-1992 ngesikhathi iNingizimu Afrika ibuyiselwa ekudlaleni imidlalo yamazwe ngamazwe. Lifinyelele kowandulela owamanqamu kane, ngo-1992, 1999, 2007 nango-2015.
Nakuba amaProteas esehlezi engena kulo mqhudelwano engaphansi kwengcindezi ngenxa yaleli rekhodi elibi lokuqhuzuka esesondele kowamanqamu, uNkwe ukholwa wukuthi uBavuma uzokwazi ukumelana nalo mthwalo.
“UTemba usebukhombisile ubuholi bakhe. Umsebenzi wakhe uzikhulumela wona. Asikhulumi ngemiphumela kuphela kodwa ngakho konke akulethayo eqenjini, indlela aziphatha ngayo nendlela alihola ngayo iqembu. Ungumuntu obeka iqembu phambili njalo, kwesinye isikhathi azidele yena uqobo,” kusho uNkwe.
“Ulikhathalele kakhulu igama lamaProteas kanye nekhilikithi yaseNingizimu Afrika. Sinenhlanhla yokuba nomholi onjalo. Ezingxoxweni esike saba nazo ngithole ukuthi umoya wakhe ukhululekile. Akanavalo. Uwubheke ngabomvu lo mqhudelwano futhi uzozama ukuwunqoba. Uneqembu elihle elinesifiso esifanayo.
“Bazoya kulo mqhudelwano bezazi izingqinamba abazobhekana nazo. Bayazi ukuthi kuzoba nzima kangakanani kodwa njengoba benomholi onjengoTemba nomqeqeshi onjengoRob (Walter) siyakholwa ukuthi bazokwazi ukuyisa leli qembu kowamanqamu. Lowo ngumbono wethu.”
AmaProteas adlale uchungechunge lwemidlalo emihlanu ye-ODI ne-Australia kuleli ngenyanga edlule ngaphambi kokulibangisa e-India. Akhale ngaphansi kwemibili yokuqala kodwa avuka azithatha kwemithathu yokugcina, anqoba ngo 3-2.
Ngaphambi kwalokho abedlala imidlalo emithathu ne-England ngoJanuwari aphinde adlala emithathu neWest Indies nemibili ne-Ireland ngoMashi.
Bekufanele adlale imidlalo emibili yokungcweka e-India ngaphambi kokuqala iNdebe yoMhlaba kodwa owokuqala ne-Afghanistan wabhuntshiswa yimvula ungakaqali ngoLwesihlanu, owesibili waphazamiseka usuphakathi ngoMsombuluko.
“Ngicabanga ukuthi bakhona abazoba nemibuzo mayelana namalungiselelo nenani lemidlalo edlalwe yiqembu ngaphambi komqhudelwano. Eminyakeni edlule sidlale inqwaba yemidlalo ngaphambi kokuya eNdebeni yoMhlaba. Sifundile kulokho, ikakhulukazi eNdebeni yoMhlaba yeT20 yangonyaka odlule,” uqhube kanje.
“Sidlale imidlalo eminingi iqembu lafika eNdebeni yoMhlaba selikhathele. Akusisizanga neze lokho e-Australia. Yebo, sawuqala kahle umqhudelwano kodwa kwabuye kwacaca ukuthi abadlali baphelelwa umdlandla ngesikhathi uqhubeka. Lezo ezinye zezifundo ezibalulekile. Sikholwa wukuthi abadlali banomdlandla ofanele futhi bazilungiselele kahle kulokhu.”
AmaProteas azodlala umdlalo wokuqala neSri Lanka e-Arun Jaitley Stadium eDelhi ngoMgqibelo ngo-10h30 ekuseni.
Wonke amaqembu angu-10 ayingxenye yalo mqhudelwano azoqala eqoqweni elilodwa bese amane azoqhwakela edlulela kweyandulela owamanqamu.