IMOROKA Swallows izovela ngaphambi kwekomiti eliqondisa izigwegwe lePremier Soccer League (PSL) ngesonto elizayo kulandela ukubhuntsha kwemidlalo emibili yeDStv Premiership obekumele iyidlale ngasekupheleni kukaDisemba.
Izinyoni bekufanele zidudulane neMamelodi Sundowns ngoDisemba 27 kodwa azizange zilubhade kulowo mdlalo njengoba abadlali bebetelekile ngenxa yezinkinga ezithinta amaholo abo kaDisemba.
Ngenxa yalokhu, umdlalo wazo neLamontville Golden Arrows, obekumele udlalwe ngoDisemba 30, nawo awuzange uqhubeke.
Maphakathi nenyanga edlule umqeqeshi uSteve Komphela waphumela obala ngokuthi kudingeke abancenge abadlali ukuthi beze emdlalweni wabo neSuperSport United, yize kwase kuphele izinsuku eziyishumi bengazilolongi.
“Ngingakuqinisekisa ukuthi izolo (ngoLwesithathu) iMoroka Swallows ibekwe icala lokungaziphathi kahle nokuthela iligi ngehlazo ngenxa yokwehluleka kwayo ukufika emidlalweni ebihlelelwe uDisemba 27 no-Disemba 30 ka-2023,” kusho uZola Majavu, ongumshushisi wePSL, esitatimendeni esikhishwe ngoLwesine ekuseni.
“Izovela phambi kwekomiti eliqondisa izigwegwe ngo 11 ekuseni ngoJanuwari 11 emahhovisi eligi. Eminye imininingwane izoqinisekiswa uma seziphothuliwe zonke izinqubo zekomiti.”
Lokhu kwenzeka nje kusanda kuvela imibiko yokuthi leli qembu selithwese abadlali balo icala lokuteleka ngokungemthetho. Ngokombiko we-SABC Sport, abadlali beSwallows bazovela ngaphambi kwekomidi leqembu eliqondisa izigwegwe ngoLwesihlanu, ngoJanuwari 5.
Lo mbiko uphinde waveza ukuthi izinkinga zezimali zeZinyoni ziphinde zandiswa wukuthi zilahlekelwe abaxhasi sekusele kancane bavumelane ngenxa yokuphazanyiswa yimigomo ethile yePSL.
Uma kwenzeka iSwallows ilahlwa yileli cala ingase ihlawuliswe izizumbulu zemali, ilahlekelwe amaphuzu noma ibhekane nezinye izijeziso ezinzima.