ISWALLOWS isisithathile isinqumo ngomqeqeshi ozohlala ebhentshini uma isibhekene neKaizer Chiefs koweDStv Premiership ngoLwesithathu ebusuku.
ISwallows ihlukane nomqeqeshi uDylan Kerr emasontweni adlule ngenxa yokuphikwa yimiphumela. Ibhantshi ligcwale umoya emuva kokuthelwa ngehlazo lika-4-0 yiLamontville Golden Arrows koweligi eThekwini.
Lokhu kushiye Izinyoni zibamba ziyeka ngozothatha izintambo zokuqeqesha. Leli phephandaba lithole ukuthi iSwallows ayikanqumi ngomqeqeshi ezomqasha.
Isikhulu esiphezulu eqenjini, uSipho Xulu, sidalule ukuthi bazobuyisela abadlali uMusa Nyatama noThela Thela abayibambe ishisa ngesikhathi uKerr esalinde imvume yokusebenza kuleli.
"Asikakayiqedi indaba yomqeqeshi. Okwamanje sizobambisa okwesikhashana uMusa noThela. Lolu wuhlelo lwesikhashana njengoba sisalungisa indaba yomqeqeqeshi. Akusikhona ukuthi sekuyibona abazohola iqembu. Siyakhuluma nabaqeqeshi abahlukene okungabalapha nabangaphandle. Ziningi izicelo eziphambi kwethu. Asifuni ukutatazela," kusho uXulu ngoMsombuluko ekuseni.
ISwallows isendaweni ka-14 kwi-log ngamaphuzu ayisishiyagalombili ngemuva kwemidlalo eyisishiyagalombili. Isawine imidlalo emibili kuphela kule sizini.
"Sifuna umqeqeshi ozokwenza umsebenzi. Umuntu olungile. Kodwa ke ngeke umazi umuntu. Ungenza konke, uthathe isinqumo ozitshela ukuthi sifanele kodwa uma izinto zingahambi kahle kubukeka sengathi asikhethanga kahle. Ibhola wumdlalo wemibono. Asifuni ukuxhamazela," kugcizelela uXulu.
Phakathi kwabaqeqeshi abanganamaqembu kukhona no-Ernst Middendorp ongenaqembu kusukela eshiye kwiMaritzburg United ekupheleni kwesizini edlule. Lo mqeqeshi odabuka eGermany, usebonakale kaningi ehambele imidlalo yeligi selokhu kuqale isizini entsha yeDStv Premiership.
IChiefs izovakashela iSwallows eDobsonville Stadium, eSoweto, ibheke ukuqoqa amaphuzu agcwele azoyisiza inyuke kwi-log yePremiership. Amakhosi asendaweni yesishiyagalolunye ngamaphuzu angu-11 emidlalweni eyisishiyagalombili. Umdlalo uzoqala ngo-7.30 ebusuku.