ISWALLOWS FC isiqalile ukuqinisa isikwati sayo ukulungiselela ukuqala kwesizini ezayo ka-2023/24 yeDStv Premiership ezokwethwasa ngenyanga ezayo, njengoba igawula izinduku ezintsha.
Leli qembu laseSoweto okungakapholi maseko liqashe umqeqeshi omusha, uSteve Komphela osuka kwiMamelodi Sundowns, isingene emakethe yasayinisa abadlali abathathu noyedwa emboleke kwi-Orlando Pirates. Kanti futhi kuvela nokuthi icathamela no-Andile Jali osuka kwiMamelodi Sundowns ongenaqembu njengamanje kulandela ukwehlukana kwakhe naleli qembu laseTshwane.
Isayinise uBongani Sam ongumdlali wasemuva osemabhukwini ePirates kodwa ebimbolekise kwiMaritzburg United ngesizini edlule.
Ibe seyilandela ngoLantshele Phalane ongumdlali wasesiswini osuka kwiRoyal AM, nomunye umdlali wasesiswini uVictor Bakah osuka kuThongathi FC.
Namuhla isiphinde yamemezela ukusayinisa kwayo uFalakhe “Fero” Tshanini, ongumdlali wasemuva ohlangothini lwesokunxele, naye osuka kuThongathi.
UTshanini, odabuka eNyanyadu, eDundee, nobesedlale amasizini amabili kuleli qembu lasoThongathi, ungomunye wabadlali baleli qembu abathathe amehlo amaqembu eDStv Premiership ngokushaya into ecokeme ngesizini edlule.
Ngaphandle kukaTshanini noBakah asebethathwe yiSwallows, uThongathi ebidlala kwiMotsepe Foundation nesanda kudayiswa eRichards Bay, abanye abadlali bayo abasanda kusayiniswa ngamaqembu ePremiership, kubalwa uMfanafuthi Mkhize noMondli Mbanjwa bobabili abasayiniswe ngaMaZulu FC.
IDube Birds ezibekisele indawo kwiMTN 8 ngokuqeda endaweni yesishiyagalombili kwi-log yePremiership ngesizini edlule, kubhekwe lukhulu kuyona ngaphansi komqeqeshi uKomphela onqobe izicoco neSundowns kula masizini edlule, kanti futhi izovula nayo iSundowns kuma-quarterfinal eMTN 8 ngokuqala kwesizini ezokwethwasa.