IMOROKA Swallows ilengela eweni lokuhlawuliswa izigidi okuhambisana nokuphucwa amaphuzu ayisithupha kulandela isimemezelo se-Premier Soccer League (PSL), ngokubhuntsha komdlalo wayizolo weDStv Premiership neMamelodi Sundowns eLoftus Versveld.
Izolo ntambama, iPSL ikhiphe isitatimende iveza ukuthi usubhuntshile umdlalo weligi obekufanele udlalwe yiSundowns neZinyoni ngo-7.30 ebusuku. Omunye okuthiwe ngeke usabakhona oweZinyoni zaseDube neLamontville Golden Arrows obekumele ube ngoMgqibelo, eDobsonville Stadium.
Kubhuntsha le midlalo yomibili nje, izinkinga zeSwallows zezimali ziyaziwa kwazise leli phephandaba libike ngeledlule ukuthi sekunoqhekeko phakathi kwabadlali njengoba bekukhona ababesalinde imiholo yabo yangoNovemba, njengoba iqembu belinqume ukuholela “abanamagama”, abanye basala bencela izithupha.
Izolo, umthombo uhlebele Isolezwe ukuthi abadlali beSwallows babe noKhisimusi omnyama.
“Ngokujwayelekile, amaqembu abadlali abaholela uma kuphela inyanga. Kulokhu bebelindele ukuthi bazohola ngoDisemba 20 njengoba kuza amaholidi kodwa akwenzekanga lokho. Vele bese kuwumkhuba wakhona kwiSwallows ukuthi abadlali bagcina bethole imali ngomhlaka-7 enyangeni futhi nakhona kuqale kubhekwe laba abadlalayo. Sonke siyazi ngoNovemba kwaba nomsindo, kwagcina kuholelwe abathile,” kusho umthombo.
Emuva komdlalo weSwallows neSuperSport United, umqeqeshi wayo, uSteve Komphela, wavuma ukuthi uyena oncenge abadlali ukuba beze emdlalweni kwazise bese kuphele izinsuku ezingu-10 bengalubhadi ejimini ngoba kukhona abangaholeliwe.
Kulindeleke ukuthi i-PSL iyihlakaze ngesigwebo esinzima iSwallows kwazise lokhu okwenzekile kulihudulela phansi igama layo ekubeni le ligi izishaya isifuba ngokuthi ingenye yangcono emhlabeni.
NgoJuni ka-2021, i-PSL izithole isesimweni esifanayo lapho iRoyal AM, yayigoloza khona ukudlala eyokuhlunga ngoba ingahambisani nokuthi iSekhukhune United iyona eyamenyezelwa njengompetha beNational First Division. ngaleso sikhathi.
I-PSL yasebenzisa ibhuku layo lemithatho yahlawulisa iRoyal AM ngokuyiphuca amaphuzu amathathu ngomdlalo ewuchizela okwakuhambisana noR1 million.
IThwihli Thwahla eyaqhenyela imidlalo emine yagcina ikhokhiswa imali enkulu yaphucwa namaphuzu.
Isimo esifanayo sike saziveza ngoDisemba ka-2021, lapho iKaizer Chiefs inqabe khona ukudlala emibili yeligi kodwa izeseka ngokuthi abadlali bayo bebexakwe yiCovid 19.
Lolu daba lwahamba lwagcina kumahluleli osekungumlando ukuthi wayikhipha phambili iChiefs, imidlalo yayo neCape Town City ne-Arrows yaphindwa.
Isitatimende sePSL, asichazanga isizathu kodwa sibe sesixolisa kubaxhasi nabo bonke abathintekayo ngesimo esesivelile.
ISwallows ikhiphe esayo isitatimende sisayinwe, uSipho Xulu oyisikhulu esiphezulu.
“Siyaxolisa kubona bonke abasesekayo (abalandeli nabaxhasi) ngokubhuntsha kwale midlalo emibili elandelayo yeSwallows.
“Ngenxa yenkinga engakaxazululwa ephakathi kweqembu nabadlali balo, abaphathi beSwallows babone kungcono ukuthi ingadlalwa le midlalo emibili yokusonga unyaka ukunika isikhathi esanele sokuzama ukufinyelela esisombululweni ngokushesha,” kusho lesi sitatimende ebesikubalula ukuthi iqembu nabadlali bazofinyelela maduze ekukhulumeni ngezwi elilodwa.