KUNEZIMPAWU zokuthi iSuperSport United izozama ukumgcina uZakhele Lepasa we-Orlando Pirates uma sekuphele izinyanga eziyisithupha la maqembu amabili avumelane ngokubolekana ngazo lo mgadli.
Lokhu kuvele izolo ekuseni enkulumeni kaStan Matthews, oyisikhulu esiphezuzlu kwiSuperSport obeseGoli, lapho bebezokwethula khona abaxhasi abasha abasebenza ngoxhaxha lwemishini yokukhokha ngekhadi (iKhoka).
Kulo mcimbi, uMatthews ukhulume ngabadlali abaningi abahlukene abafikile eqenjini lakhe noyedwa ohambile kodwa okugqame enkulumeni yakhe, wukuthi banaso isifiso sokugcina uLepasa uma sekuphele izinyanga eziyisithupha abavumelane ngazo neBucs.
“ULepasa uvele wacaca njengomgadli ebesimdinga ngoba uBradley (Grobler) noMamour (Niang) bawuhlobo lwabagadli abangadlali kahle uma besizwa ngomunye okwazi ukuphulukundlela njengaye,” kusho uMatthews.
“Konke ebesikudinga siyazi sizokuthola kuye yingakho wonke umuntu ongaphakathi eqenjini ejabule ngokuthi uLepasa uzoba nathi izinyanga eziyisithupha.
“Kwazi bani, mhalwumbe angagcina esengumdlali wethu ngokuphelele kodwa sizobona ngokuhamba kwesikhathi ngalokho.
“Ngenxa yalaba badlali enginabo nokuthi bayiluphi uhlobo, ngiphoqeleke ukudedela u-Iqraam (Reyners), ojoyine iStellenbosch FC ngokugcwele ngosuku lokugcina ngaphambi kokuvalwa kwewindi lokushintshana ngabadlali”
ULepasa ungomunye wabadlali okwethusile ukumbona ephuma emkhunjini wePirates kulandela ukubolekiswa kwakhe kwiSuperSport.
UMatthews uvumile ukuthi sekuzoba nengcindezi yokufeza izidingo zabaxhasi njengoba sebesekwe ii-iKhokha kanti basanda nokwethula yiJohnson Workwear.
“Imiphumela yethu kufanele ihluke manje nabadlali bazi ukuthi amehlo asandile kithina ngoba ngeke silahle amaphuzu ngoMgqibelo bese sibonakala ngoMsombuluko emicimbini yabaxhasi sihleka,” kusho uMatthews.
Kuningi iSuperSport ekuhlelayo ngenhloso yokunika, uGavin Hunt konke akufunayo ngaphambi kokuqala kwesizini ezayo.
“Iningi labadlali esibasayinisa njemanje, bazokwengeza kwesinakho vele ngakho-ke sizishaya isifuba ngokuthi silokhu siqhubeke njalo ukuqinisela uHunt iqembu ngendlela afuna ngayo,” kusho uMatthews.