ISUPERSPORT United isebenzise ikhefu ebelivuleke ngenxa ye-Africa Cup of Nations (Afcon) ukuqinisa amabhawodi azoba wusizo kuyona emjahweni ehlele ukungena kuwona neMamelodi Sundowns esiwombeni sesibili seDStv Premiership.
Lesi yisethembiso somunye wabaqeqeshi beSuperSport, u-Andre Arendse, obekhuluma neSolezwe ngezinhlelo zaleli qembu zokubuyela kwiligi yakuleli ngomdlalo wasekhaya neSekhukhune United zingu-13 kwephezulu, eLucas Moripe Stadium.
AMatsatsantsa A Pitori abambene neCape Town City ngamaphuzu angu-29 endaweni yesibili kwi-log lapho sebedlale khona eyeligi engu-16 ngokwahlukana.
Womabili la maqembu akweletiswa yiSundowns eqhwakele (ngamaphuzu angu-38) kodwa okuyibeka endaweni engcono ukuthi isele ngemidlalo emibili kwiSuperSport namaCitizens.
Emaqenjini angabhincisela nxanye iSundowns, ngeke uyizibe iSuperSport uma uzokhumbula ukuthi iphekwa, uGavin Hunt, onomlando wokudla nayo isicoco seligi amahlandla amathathu kulandelana.
“Uma singakholwa ukuthi singayimisa kabi iSundowns embangweni wesicoco kungafanele siphelelwe wumsebenzi ngoba akukho esikhokhelwa khona kwiSuperSport ngaphandle kokuqhamuka namaqhinga azoyiyisa phambili,” kusho u-Arendse oyiphini lomqeqeshi uGavin Hunt.
“Ukhiye wokujaha iqembu elifana neSundowns ulele ekutheni unawo yini amava okugcina umgqigqo ngoba (iSundowns) ngeke uyithinte uma kuziwa ngalapho.
“Njengoba kuqhubeka i-Afcon besingaphumule kepha besimatasa nabadlali ngenhloso yokuqinisa amabhawodi afana nakho ukugcina umgqigqo. Sizokudinga ukuba nendlela yokubamba umgqigqo ngoba leyo iyona ndlela yokumelana neSundowns.
“Kuzoba nzima ukujaha iSundowns kodwa uma singakwazi ukugcina umgqigqo wemiphumela encomekayo, nakanjani izoze isinake nayo.
“Konke ebesikwenza ngaleli khefu le-Afcon bekuncike kakhulu ekutheni silikhulisa kanjani iqembu ngoba isiwombe sesibili sesizini sihlale sinzima futhi nokuningi kucaca ngalesi sikhathi,” kuphetha u-Arendse.
Emuva komdlalo ezobuyela ngawo kwiDStv Premiership, iSuperSport izovakashelwa iStellenbosch FC okuyiwe ekhefini ivutha bese isonga inyanga ngomdlalo ka-Group A weCaf Confederation Cup neModern Future yase-Egypt, eLucas Moripe.