IMAMELODI Sundowns Ladies esayiqale ngesivuthehuthe imidlalo yeCaf Women's Champions League Cosafa Qualifiers isethubeni elihle lokwedlulela kweyandulela owamanqamu.
ISundowns Ladies ivule le midlalo ngokuxebula i-Olympic de Moroni yaseComoros ngo 8-0 ngoLwesine, eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont.
Ukunqoba kwayo ngale mbudlu yamagoli sekuyibeke esicongweni se-log kaGroup B, kanti kulindeleke iqhubeke nefomu yayo nasemdlalweni olandelayo eyowudlala neYoung Buffaloes yaseSwatini namuhla ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama, eSugar Ray Xulu Stadium.
Ukunqoba kweSundowns kwiYoung Bufalloes kuyobe sekuyibeka ethubeni elingcono kakhulu ngaphambi komdlalo wayo wokugcina wesigaba samaqoqo neCosta do Sol yaseMozambique, ngoMsombuluko.
Njengamanje iSundowns neCosta do Sol kuGroup B yibona abasethubeni lokwedlulela kweyandulela eyamanqamu, njengoba nayo i-do Sol ivule ngewini ishaya iYoung Buffaloes, yaphinda yashaya i-Olympic de Moroni ngo 2-1 namuhla ngoMgqibelo emini, okuyibeka emaphuzwini ayisithupha nosekufaka iSundowns ingcindezi yokunqoba kumnyama kubomvu kwiYoung Buffaloes.
Kanti kuGroup B kusababembene iDouble Action yaseBotswana neGreen Buffaloes yaseZambia, nokwenza kube yiwona maqembu kuGroup asethubeni lokwedlulela kweyandulela eyamanqamu.
Ayishumi amaqembu angaphansi kwesifunda seCosafa abambe iqhaza kule midlalo yokuhlunga eqale ngo-Agasti 30 nezosongwa ngoSepthemba 8.
Amaqembu amabili azoqeda phezulu azomela isifunda kwiCaf Women's Champions League ezobanjelwa e-Ivory Coat ngoNovemba 5 kuya ku-19.
Kweyandulela owamanqamu ezodlalwa ngoLwesithathu, kuzoqhuthana iqembu eliqede liphezulu kuGroup A neliqede endaweni yesibili kuGroup B.
Okuzolandela, eliqede liphezulu kuGroup B neliqede endaweni yesibili kuGroup A.
Owamanqamu uzodlalwa ngoSepthemba 8, khona eSugar Ray Xulu Stadium.
Amaqembu amabili afinyelele kowamanqamu kule midlalo yokuhlunga yiwona azobe esezibekisela indawo ezingeni kwiWomen's Champions League yezinga lezwekazi, e-Ivory Coast ngoNovemba.