SEBEQALILE ukuqinisa iqembu elizovikela isicoco seHollywoodbets Super League ompetha beligi ephezulu yebhola labesifazane kuleli, iMamelodi Sundowns.
AmaSandawana aphinde ayithatha le ndebe ngesizini edlule, eqhwakela ngamaphuzu angu-81 emidlalweni engu-30. Alishiye ngamaphuzu amahlanu iqembu elilale isibili, i-University of Pretoria.
Yize kunjalo, leli qembu selimemezele ukuthi lisayinise abadlali ababili abebevutha ngesizini edlule, uCimone Sauls noNthabiseng Majiya.
USauls, odlala emuva ngakwesokudla aphinde akwazi ukudlala nasesiswini, ubegijima kwiJVW FC. Waqala eqenjini elincane leBlue Diamonds ngaphambi kokukhushulelwa kwelikhulu ngo-2021.
Udlalele iqembu lesizwe lika-Under-17 nelika-Under-20 neBanyana Banyana elidlale kwiCosafa Women’s Championship ngo-2022.
UMajiya uqale ukudlala esigabeni esiphezulu kwiRichmond United ngesizini ka-2021, wathola umklomelo ye-Young Player of the Season kuma-Hollywoodbets Super League Awards kulandela ukuhlohla amagoli angu-20.
Uphinde wathola umklomelo ofanayo ekupheleni kwesizini ka-2022, lapho eshaye khona amagoli angu-17. Ngesizini edlule uqede enamagoli angu-11.
Ubeyingxenye yeqembu leBanyana elinqobe i-Women’s Africa Cup of Nations eMorocco ngo-2022. Nakuba engayanga eNdebeni yoMhlaba nyakenye kodwa ubengomunye wabadlali abathathu abekucushwe ngabo uma kwenzeka kubakhona olimalayo.
Khonamanjalo: IRichmond Ladies ayipholisanga maseko yathola abanye abadlali kulandela ukuhamba kukaMajiya.
Leli qembu elizinze eNorthern Cape lithathe uLucia Gaonwe, ohlohle amagoli angu-15 ngesikhathi esagijima kwiDurban Ladies ngesizini edlule. Liphinde laphumela ngaphandle lasayinisa uNtaoleng Tsheledi waseLesotho noRoseline Dube waseZimbabwe.
Isizini entsha yeSuper League izoqala ngenyanga ezayo nakuba izinsuku eziqondile zingakamenyezelwa.