KUNEZIMPAWU zokuthi iMamelodi Sundowns ithukusele i-Orlando Pirates induku emqubeni ngomgadli waseNamibia, uPeter Shalulile, emdlalweni walezi zinkunzi zebhola laseNingizimu Afrika, obhekwe ngabomvu kwiDStv Premiership namuhla ngo-3.30 ntambama, eLoftus Versveld.
ISundowns eqhwakele izokwamukela iPirates esele kuyona ngamaphuzu ayisishiyagalolunye kulo mdlalo wamagqubu, kwazise la maqembu ashayane ngenqwaba yamagoli ngokwahlukana kwiMTN 8 nakwiCarling Black Label Cup ezinyangeni ezedlule.
Yize kuyiSundowns egcine ishaye iPirates ngo 4-0 ngaphambi kweNdebe yoMhlaba kodwa izinkulumo zikaRhulani Mokwena, oyinhloko yabaqeqeshi kwiSundowns, esithangamini nabezindaba ngoLwesithathu, zidwebe isithombe sokuthi iDowns isenegqubu ngendlela ebhudluzwe ngayo yiBucs ngo 3-0 kowandulela owamanqamu weMTN 8 ngo-Okthoba.
“Abadlali bakhonjiswe ngama-video omdlalo esishaywe kuwona yiPirates kwiMTN 8, ngenhloso yokubakhumbuza ngamaphutha abawenzile nalapho kufanele babhukule khona,” kusho uMokwena.
“Kusemqoka ukuthi siwagweme amaphutha afanayo ngoba iPirates esiyobhekana nayo inezindlela eziningi zokuqeda ngesitha.
“Sizicubungule zonke izindlela zokudlala zePirates, saphuma nokuthi siya emdlalweni okufanele sizibambe ziqine kuwona.”
Nakuba uMokwena eqale wakhomba ukuthi mancane amathuba, noma ngeke abonakale uShalulile emdlalweni, kwazise usadlule esigabeni sokuqala sokululama kwakhe, ngasekupheleni kwaso (isithangami), uMokwena uzwakale sengathi usecula ingoma ehlukile.
“Usaqede isigaba sokuqala, okuwukubuyela ensimini kodwa ubengakadlali ngisho kowodwa kweyobungani esiyigijime muva nje.
“Konke kulele ekutheni usizakala ngokushesha, noma kuthatha isikhathi okwenziwa kuyena wodokotela beqembu,” kusho uMokwena maphakathi nesithangami.
Lesi sibabuli somgadli, okuyisona esibahlule bonke abashayimagoli kwiPremier Soccer League (PSL) ngesizini edlule, sigcine ukubonakala sidlubhe umfaniswano weSundowns ngasekuqaleni kuka-Okthoba, ngenxa yokulimala okudingeke ukuthi siyohlinzwa.
“UShalulile uyaziqeqesha ngokugcwele nabanye, ngakho-ke ngabe ngiqamba amanga uma ngithi akekho. Sizosibheka sonke isimo kodwa usenkundlleni uyaziqeqesha ngokugcwele.
“Sizolinda ukuthi bayasinika yini igunya odokotela beqembu, ngakho-ke sizolinda lokho,” kusho uMokwena ekupheleni kwethangami ebesiseChroorkop.