Le Passe (0) 0
Mamelodi Sundowns (5) 7
OMPETHA beDStv Premiership, iMamelodi Sundowns bazigwazele ibhece bebhaxabula iqembu laseSeychelles, iLa Passe ngo-7-0, eLoftus Versfeld Stadium ePitoli, izolo ntambama.
La maqembu abetholene emdlalweni womzuliswano wesibili wokungena kowamaqoqo eCaf Champions League. Yize iLe Passe bekuyiyo esekuhambeni ibisebenzisa iLoftus Versfeld. Okwenze lokho yingoba iCaf kayiziphasisanga izinkundla zaseSeychelles ukuthi zingasingatha umdlalo obekuwumlenze wokuqala.
Kubonakale zisuka ukuthi iSundowns izonqoba ngamagoli amaningi umdlalo ngoba ngomzuzu wesibili ithole igoli elingqofelwe phakathi ngekhanda wuGrant Kekana.
Emva kwalokho ibilokhu ingenile ebhokisini, ngomzuzu ka-13 yathola elesibi elivalelwe wuGastino Sirino, obuyile futhi washaya elesibili elakhe.
UMothobi Mvala no-Aubrey Modiba nabo bawatholile amagoli.
ISundowns ifike emdlalweni yenze izinguquko ezinhlanu eqenjini elalibhekene ne-Orlando Pirates, emlenzeni wokuqala owandulela owamanqamu eMTN8.
ISundowns iqalise uSphelele Mkhulise, uMarcelo Allende, uSirino, unozinti uDennis Onyango noMvala. Bathathe izindawo zikaNeo Maema, Andile Jali, uPeter Shalulile, uThabiso Kutumela noRonwen Williams.
U-Onyango ubefana novakashile epalini njengoba akaze avimbe nebhola elilodwa eliyingozi.
Esiwombeni sesibili, iqhubekile iSundowns nokuphokophela phambili ifuna ukushaya amanye amagoli. Yize iLa Passe ibisigcwele emumva, kodwa iSundowns iwatholile amagoli amabili avalelwe phakathi uSipho Mbule kade ephuma ebhentshini noMkhulise olishaye ngomzuzu ka-87.
Umlenze wesibili uzoba ngoLwesihlanu, khona eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli.
Iqembu elizodlula lapha lizobe selingene kowamaqoqo eChampions League. Elizohlulwa lizokwehlela kwiCaf Confederation Cup, emzuliswaneni wokugcina wokuhlungela amaqoqo.
Khonamanjalo iCape Town City ikhale ngaphansi ngo 3-0 ekhaya kwiPetro de Luanda yase-Angola, emdlalweni wayo womzuliswano wokuqala.