I-ORLANDO Pirates ihluleke yancama ukuphula irekhodi leMamelodi Sundowns, ishaywa ngo-1-0 yiMamelodi Sundowns koweDStv Premiership, kwesikaMaminzela, e-Orlando Stadium, eSoweto izolo ntambama.
AmaBrazillians anqobe ngegoli likaCassius Maulile, ngomzuzu wesithupha umdlalo uqalile. Wumdlalo ka-15 ezikaRhulani Mokwena zingawazi umpetshisi.
Kuyiwe kulo mdlalo iningi, ikakhulu abalandeli beZimnyama lizitshela ukuthi ezikaJoze Reveiro zizozibuyisa izinduku ngoba kodlule weligi waphela ngo-2-0 iPirates ithola isibhaxu.
Empeleni kule sizini, emidlalweni emine, iSundowns inqobe emzuliswaneni wokuqala weligi njengoba isiphinda kowesibili. IPirates yanqoba umlenze wesibili weMTN 8 emuva kokuba bedlale ngokulingana kowokuqala.
Emlenzeni wesibili akuhambanga kanjalo, njengoba kwale noma eZimnyama sezenze ushintsho olungapheli. Kodwa kulo mdlalo zizamile, kwasho ukuthi iSundowns umgqigqo usalokhu iwubambile.
Ukushaya igoli kukaMaila kulesi esiwombeni sokuqala yikho okubukeke kuthwalisa kanzima eZimnyama. Empeleni kulesi siwombe iSundowns beyibukeka iwuminya umdlalo kodwa ezikaMagebhula zingazibekile phansi.
La maqembu aye kulo mdlalo ehambela phezulu, hhayi ngenxa yomphumela kodwa ngezinga lebhola ebese lisezingeni eliphezulu kuwona womabili. Kuthokozisile ukubona umdlali uSiphesihle Mkhulisi waseMpendle edlala ibhola elihle. Okuqaphelekile futhi wukuthi abafana abanjengoMonnapuleng Saleng batshengisile ukulenyusa izinga labo.
Nakuba ibhola esiwombeni sokuqala belihlale likwiDown’s kodwa eZimnyama zitshengise ukungayesabi. Kunemizuzu lapho abafana base-Orlando bebetshengisa ukuthi abayihloniphi iDown’s. Mhlawubembe uma singabheka kwiPirates, nayo beyinalo ithuba lokulwa, izinto zenzeke emdlalweni.
Empemeleni womabili amaqembu ngabe akwazile ukushaya amagoli angaphezulu kwamabili, ukube amathuba abevela abewasebenzisa ngendlela.
Esiwombeni sesibili ezikaJose Revioro zizamile ukubuya kodwa kwasho ukuthi uRhulani, Manqoba Mngqithi noSteve Khompela bahlelekile.
Ngoka-70, uMonnapule Saleng ubeyishiya phakathi kodwa unozinti, uRonwen William wala ukhasha.
Seliyozilahla kunina, iSundowns ibuye ngamandla kodwa kwasiza idwala labadlali basemuva kwiBucs. UNdumiso Mabhena weZimyama, ongene ngoka-73, ucishe wayibeka enethiini kodwa izithixo zebhola zamfulathela.
Ngasekupheleni komdlalo, iningi labadlali bese kubonakaka ukuthi lithwele kanzima ngenxa yokukhathala njengoba nelanga belikhipha inhlanzi emanzini.
Njengoba inqobile kubhekwe ukuthi iphule irekhodi likaPitso Mosimane lokunqoba iligi ngamaphuzu awu-82, kwazise elikaMosimane ngelika-71.