UKUNGABAMBEKI kweMamelodi Sundowns emjahweni wesicoco seDStv Premiership kubukeka sekujube izimbangi zayo ezinkulu, iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates ukuba bakhuthalele ukuzingela abagadli ngaphandle.
Lesi sithombe sivezwe ngukuthi womabili lawa maqembu ethule kuleli sonto abagadli abavela ngaphandle kwaseNingizimu Afrika.
IChiefs yethule umgadli wesibili wangaphandle kule sizini, imemezela ukusayinisa uChristian Saile Basomboli waseCongo.
Lo mdlali oneminyaka engu-22, uthathwa kwiNchanga Rangers yaseZambia kanti Amakhosi abike kwi-website yawo ukuthi usayiniswe iminyaka emithathu nesigamu.
Leli nxele lilandela uCaleb Bimenyimana, Amakhosi amlande eBurundi ekuqaleni kwesizini.
IPirates yona iqinisekise umbiko owenziwe nguye umgadli wayo omusha ngoDisemba, obhale ekhasini lakhe leFacebook ukuthi uzosayina ngoJanuwari kuleli qembu laseSoweto.
Naye uSouaibo Marou uneminyaka engu-22 ulandwe kwiCoton Sport yaseCameroon.
Lo mgadli obekhona esikwatini seCameroon ebesikwi-2022 Fifa World Cup, eQatar ngoNovemba/Disemba, kubikwa ukuthi inkontileka yakhe izophela ngo-2025.
Lokhu kusho ukuthi usayine iminyaka emibili nesigamu.
UMarou uza ethenjiwe kuleli, kwazise ushiye ngakubo eyisilomo esinqobe iligi kabili, sachonywa nophaphe lwegwalagwala ngokuba ngumdlali ovelele kuleliya lizwe ngo-2022.
UMarou useqalile ukuzilolonga neZimnyama, uBasomboli kuvela ukuthi uzotheleka eNaturena ngesonto elizoqala.
KwiPirates, uMarou uzofica umkhaya wakhe, uBinvenue Eva-Nga naye okuyisizini yakhe yokuqala esayine kweZimnyama.
Isikhala sikaMarou sivulwe ngokuchithwa kukaKwame Prepah waseGhana, obolekiswe kwiMaritzburg United.
ISundowns isikwenze isiko ukungacucuzi ukulanda abadlali ngaphandle futhi ayinqeni ukudedela omunye ukuze ivule isikhala somunye.
Kuyimanje iSundowns kubukeka ingeke isabanjwa muntu emjahweni weligi kule sizini, kwazise kushicilelwe inamaphuzu angu-43 eqhulwini le-log.
Iqembu eliyilandelayo belinangu-29 ngaphambi kokuba siyoshicilela.