OMPETHA beDStv Premiershp eNingizimu Afrika, iMamelodi Sundowns, baqophe umlando ngokuba semaqenjini okuqala ukuba yingxenye ye-Africa Football League (AFL). Izolo ebusuku badlale nePetro de Luanda emlenzeni wokuqala wama-quarter final.
Nantu uhla oluveza umlenze wabo wesibili kulo mklomelo ozocebisa ompetha ngo-$400 000 (R75million), akungatshazwa ukuthi alikho iqembu elingazimisele kulawa azodlala kulo mqhudelwano nalawo asele ngaphandle:
Ama-quarter final: Simba (TAN) v Al Ahly (EGY); TP Mazembe (COD) v Esperance (TUN); Enyimba (NGR) v Wydad Casablanca (MAR); Petro Luanda (ANG) v Mamelodi Sundowns (RSA).
Imilenze yokuqala: Okthoba 20-22, eyesibili: Oct 24-25.
Amasemi-final: Simba noma Ahly v Petro noma Sundowns; Enyimba noma Wydad v Mazembe noma Esperance.
Imilenze yokuqala: Oct 29, eyesibili: Nov 1.
Eyamanqamu: Simba, Ahly, Petro noma Sundowns v Enyimba, Wydad, Mazembe noma Esperance.
Umlenze wokuqala oyimilenze emibili: Nov 5, owesibili: Nov 11.
Khomanjalo kweminye imidlalo yokuhlungela amaqembu kwiSasol National Regional League azokwenyukela kweseHollywooodbets Super League eqhubekayo eBloemfontein ihambe kanje: I-University of Fort Hare yase-Eeastern Cape izobhekana neLindelani Ladies kowamanqamu eSasol League National Championships, ngokuhlula iCrouses Ladies yaseGauteng ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi ngemuva kokuba umdlalo uphele zibambene ngo 2-2.