Mamelodi Sundowns (1) 2
TS Galaxy (0) 1
UMSHINI weMamelodi Sundowns wamaphuzu amathathu uqhubekile nokugaya ngesikhathi leli qembu laseChloorkop likuguqisa i-TS Galaxy emdlalweni weDStv Premiership ogijinywe ngoLwesibili ebusuku eMbombela Stadium, eNelspruit.
Inkundla ivulwe nguRushine de Reuck ngegoli athe angalingqofela enethini wakhishwa ngoba eshayeke kabi ekhanda kuMlungisi Mbunjana weGalaxy.
Elesibili liqedelwe nguPeter Shalulile, ophuce uPogiso Sanoka umkhonto abegwaza ngawo ekhaya ngesiwombe sesibili.
UDjakaridja Traore ushaye phakathi iphenathi edalwe nguDenis Onyango esikhathini esengezwe ngunondweba.
ISundowns ivule igebe lamaphuzu angu-20 esiwongweni selog.
Ngaphandle kokuvula igebe, iSundowns iqophe umlando ngokuba yiqembu lokuqala emlandweni wePremier Soccer League (PSL), ukunqoba imidlalo yeligi engu-12 ilandelana. Ibiphula irekhodi layo elibeke ngesizini ka-2006/2007.
Kusukela iSundowns ishaywe yiGalaxy ngo-Agasti nyakenye, yiSuperSport United kuphela elinye iqembu eliguqise iSundowns eqale umdlalo wayizolo sihluke kakhulu isikimu esiqale yehlula iKaizer Chiefs ngeledlule.
U-Onyango uqale umdlalo okokuqala kule sizini kwazise, nguRonwen Williams, oyivimbe yonke eyokuqala engu-18 yesizini ka-2022/2023.
Imizuzu yokuqala engu-30 emdlalweni wangoLwesibili, iphele sekonakele okuningi.
UDe Reuck, oshaye igoli ngomzuzu ka-11, ulimale wakhishwa kwangena uBrian Onyango. Nonozinti wamaRockets, uMelusi Buthelezi ubesekhishiwe ngoba elimele indawo yakhe yathathwa nguVasilije Kolak ngoka-31.
Isiwombe sokuqala iSundowns ibiwuphethe wonke umdlalo futhi ikhombisa ubungozi.
Nakuba ibuye nezimpawu zokuvuka emaqandeni iGalaxy kodwa konke ebikuzama bekuphelela kude no-Onyango obeziphumelele.
Ngesikhathi esifanayo bekuthi njalo uma iSundowns iya ngasemapalini kaKolak kubukeke kunobungozi bokungena kwegoli lesibili.
Ngomzuzu ka-56, uGaston Sirino, bekumele ayinike leli goli lesibili iSundowns kodwa wakha amabhilidi ngephasi kaThapelo Morena.
Ngomzuzu ka-64, uShalulile uzibeke phambili embangweni wesicathulo segolide eshaya igoli lakhe lesishiyagalombili lesizini, obekungelesibili leSundowns.
Igoli lesibili likhulule uRhulani Mokwena ukunika ithuba abadlali bakhe abasanda kubuya ekulimaleni njengoSurprise Ralani, Bongani Zungu, Eerwin Saavedra, noMosa Lebusa.