Mamelodi Sundowns 2-1 CR Belouizdad
I-MAMELODI Sundowns izisondeze ethubeni lokubuyisa udumo ngeCaf Champions League, ngenkathi imboza iCR Belouizdad ngo 3-1 emlenzeni wesibili womqhudelwano izolo ntambama eLoftus Versfeld, eTshwane.
Amagoli eLoftus ashaywe nguSofiane Bouchar, obeke phambili iBelouizdad ngomzuzu ka-24, kwathi aweSundowns anekwa enethini nguThemba Zwane, noThapelo Morena ngomzuzu ka-45 noka-49.
Kuyiwe kulo mdlalo ivele iSundowns isigxamalizile kumasemi-final emuva kokunqoba ngesonto eledlule ngo 4-1 e-Algeria.
Ezinye izindaba ezinhle ezivele emdlalweni, wukuthi uPeter Shalulile ashaye amagoli amabili amfake wagxila embangweni wesicathulo segolide seChampions League kule sizini.
Amagoli amabili amnyusele kwamahlanu uShalulile, nangu-100 esemabhukwini ePremier Soccer League (PSL).
ISundowns iyizimfivilithi ukunqoba iChampions League ngenxa yendlela ezidlela ngayo amahlanga kule sizini. Iqede isigaba samaqoqo ingayazi induku njengoba isidlula ngehubo kwiBelouizdad, eyizigayigayi e-Algeria.
Okukhulu kodwa kwiSundowns wukuthi ikuqonde ukuthi ukungayinqobi iChampions League, kuzoyishiya ingakwazi ukuchoma ngesizini emnandi.
Ukukhuluma kushintshile emasontweni edlule ikhishwa yiSekhukhune United kwiNedabnk Cup, nokuphazamise iphupho lokuphinda izicoco ezintathu. Ukudlula kweSundowns kusho lukhulu ngoba kula masizini amabili edlule ibilokhu igoba kuso lesi sigaba sama quarterfinal.
ISundowns isigcine ngo-2016 isicoco seChampions League isidla ngaphansi kukaPitso Mosimane.
URhulani Mokwena ubekhona ethimbeni likaMosimane labaqeqeshi.