Mamelodi Sundowns (1) 1
Marumo Gallants (0) 0
IBUYELE esicongweni seDStv Premiership iMamelodi Sundowns obese kuphele inyanga igcine ukudlala oweligi ngesikhathi iqoqa amaphuzu agcwele kwiMarumo Gallants ngoLwesithathu ebusuku eLoftus Versveld, ePitoli.
Kube yigoli likaSiphelele Mkhulise, alishaye esiwombeni sokuqala eliweze iSundowns egudluze iSuperSport United esicongweni kwi-log.
Bese kuphele inyanga iSundowns igcine ukubonakala koweligi kwazise ibimatasa neCaf Champions League neMTN 8. Isidlulele kweyamaqoqo kwiChampions League kanti izodlala kowandulela owamanqamu kwiMTN8 ngempelasonto.
Okugqamile ngesikwati seSundowns kulo mdlalo weGallants ukungabonakali komgadli uPeter Shalulile.
Yize bezithengana maphakathi nenkundla kodwa iqembu lasekhaya yilona ebelithi uma lifika ezintini zikaWashington Arubi, kuvalwe amehlo.
Ngokuhamba komdlalo kuqalile kwabukeka sengathi iSundowns sekuyiyona engcono okufakazelwe nawukufika kwayo kaningana ku-Arubi yize lo nozinti ebephapheme.
Kugcine kuzwele kwiGallants ngomzuzu ka-28, uMkhulise eqedela enethini ingcwenga yomnyakazo ohlanganise cishe bonke abadlali beSundowns basesiswini kodwa kugqame kuwona uThemba “Mshishi” Zwane.
Kube sengathi liyehla igiya lomdlalo ngemuva kwaleli goli kwaze kwayiwa ekhefini.
ISundowns ibuye ngomfutho ofanayo esiwombeni sesibili yize lokhu bekungasho ukuthi izivakashi bezisonge izandla.
UDan Malesela umqeqeshi weGallants, wenze izinguquko ezintathu kungakafikwa ehoreni umdlalo uqalile ngoba ebona ukuthi iSundowns iya ngokuya idlondlobala.
Kubukeke sengathi kuyayiqinisa lokhu iGallants kwaba sengathi iyabuya emdlalweni kodwa ugcine uhamba ngendlela eyodwa kwaze kwaba yisekugcineni lapho iGallants ishaye khona igoli kodwa laphikwa.
Kusuke esinamathambo kwazise abeGallants bekubacasula lokhu kuphikelwa igoli sebezitshela ukuthi balinganise ngomzuzu wokugcina.