Mamelodi Sundowns (0) 2
Swallows FC (0) 0
IMAMELODI Sundowns iphinde yalinweba igebe esicongweni kwi-log ngesikhathi ijikela iSwallows FC njengotshwala esiswini esiwombeni sesibili emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesibili ebusuku eLoftus Versfeld.
Amagoli ashaywe uNeo Maema noThemba Zwane, aqinisekise ukuthi iSundowns isenegebe lamaphuzu ayisikhombisa esicongweni. Ngaphambi kwalo mdlalo omakhelwane bayo iSuperSport United bathe ukulinciphisa leli gebe benqoba iCape Town City ngo 1-0 kowabo umdlalo weligi obuseCape Town Stadium khona ngoLwesibili ntambama.
Kusukela uRhulani Mokwena, ebekwe yedwa njengenhloko yabaqeqeshi kwiSundowns, leli qembu alibambeki kwazise lifike kulo mdlalo liyiwine ngamagoli amaningi yonke imidlalo yalo emihlanu yeligi edlule.
Njengoba bekulindelekile, iSwallows elwela ukuvika izembe, iqale ngezitobha ezinhlanu okuyinto engazange ithuse nokho kwazise bekuwumdlalo ka-Ernst Middendorp wesibili kusukela eqashwe kulo msebenzi. Ubekade evule lo msebenzi ngokushaywa iRichards Bay FC ngempelasonto edlule.
Okuqapheleke ngemizuzu yokuqala ukuthi iSwallows ibingenankinga ngokungena ezikhwepheni yize lokhu bekudala ama-free kick ayingozi kuThakasani Mbanjwa, obeyivimbele.
Lezi zikhwepha bezidalwa ukuthi iSwallows ililandele zisuka ibhola uMaema, Zwane, Marcelo Allende noGaston Sirino bezicanasela inkundla yonke.
Emizuzwini yokuqala engu-20, uKwanda Mngonyama, bekufanele ayibeke ebuhleni ngekhanda iSwallows kade kuyi-free kick kodwa wagezwa uRonwen Williams, obamba ngisho impukane kulezi zinsuku emapalini amaBrazilians.
Yize iSundowns ibiliphethe lonke ibhola, umdlalo uhambe kwaze kwaba ziya ekhefini ingakayiboni inethi.
UMiddendorp ubuye ekhefini ngabagadli ababili uMwape Musonda noWaseem Isaacs, kwacaca ukuthi isiwombe sesibili iSwallows ngeke isahlala emuva.
Lokhu kuyiklaye ngokushesha emuva yaqala iSundowns yangena ngamandla kucaca ukuthi igoli ingalithola noma nini.
Abelokhu eqhamuke njalo amathuba kwiSwallows ngama-freekick namakhona kodwa ilokhu iwayekile.
Lize lavela igoli leSundowns ngomzuzu ka-63 lishaywa nguMaema otholwe yibhola ebeligotshwe uKhuliso Mudau.
Leli goli lilandelwe wubuhlakani obumangalisayo bukaZwane ohambe nebhola esuka esiswini waze wayolivalela enethini ngomzuzu ka-67 okuyiqede wonke amandla iSwallows ngaphandle kwebhola elingqofwe u-Isaacs ngomzuzu ka-78 lashaya ipali limdlile uWilliams.
Yize iSundowns ingazange ibukeke isenkingeni kulo mdlalo kodwa iSwallows ikhombise izimpawu zokuba yiqembu elingase lilivike izembe ngaphansi kukaMiddendorp.
Umdlalo weSundowns olandelayo useThekwini neRichards Bay FC ngoLwesihlanu ebusuku, eKing Zwelithini Stadium ngo-7.30 ebusuku. Olandelayo weSwallows ungosuku olufanayo nangesikhathi esifanayo, lapho izobe ivakashelwe yiChippa United eDobsonville Stadium.