Mamelodi Sundowns (0) 1
Royal AM (0) 0
IMAMELODI Sundowns iqhubekile nokuzicabela indlela ebheke ekuphuleni amarekhodi eDStv Premiership ihamba namanye amaphuzu emuva kokuguqisa iRoyal AM kowePremiership obudlalelwa eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville, ngoMgqibelo ebusuku.
Igoli enqobe ngalo iSundowns kulo mdlalo livalelwe phakathi nguPeter Shalulile usuyophela umdlalo, i-AM isithembile ukuthi ihamba nalo iphuzu kulo mdlalo ngemuva kokuvala kahle emuva isikhathi eside.
ISundowns esivele ingompetha baka-2023/24 beDStv Premiership asebelinde ukwamukela indebe ngosuku lokusongwa kwesizini ngoMeyi 25, isidlalela ukujaha amarekhodi ePremiership okubalwa elokuqeda isizini ingahlulwanga nelamaphuzu angu-71 eyaliqopha ngesizini ngesizini ka-2015/16.
ISundowns engakahlulwa emidlalweni engu-26 yeligi esayidlalile kule sizini esisongwa, kubhekwe ngabomvu ukuthi izogcina ikwazile yini ukuqopha irekhodi elisha lePremier Soccer League (PSL) lokungahlulwa isizini yonke kusukela kwasungulwa le ligi ngesizini ka-1996/97.
Nakuba i-AM ebhedelwa yizinto kulezi zinsuku ikhombise ukuba yiqembu elingcono kulo mdlalo futhi ikhombisa ukumelana neSundowns kodwa igcine iyilahle ekugcineni, uShalulile ephunyuka phakathi kwezitobha engqomfela phakathi ngekhanda igoli lokunqoba ngomzuzu ka-85 kukade kuyikhona emfishane egotshwe nguLesiba Nku.
AmaSandawana anamaphuzu angu-66, asalelwe yimidlalo emine ukwephula irekhodi lamaphuzu angu-71.
Kanti ngakolunye uhlangothi, iThwihli Thwahla ingelinye lamaqembu alwela ukugwema ukuyodlala kumaPSL Promotional Play-Offs. Ibidinga kakhulu iphuzu kulo mdlalo kwazise ayikaphephi otalatatiyeni lokuyodlala kule midlalo yokuhlunga njengoba isendaweni ka-14 kwi-log ngamaphuzu angu-29 ngemuva kwemidlalo engu-27. Nokho isenethuba lokuzisindisa kule midlalo emithathu esele. Izophinda ibuyele ensimini nawo futhi amaSandawana ngoLwesibili eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngo-7.30 ebusuku.