NB La Masia (1) 1
Mamelodi Sundowns (4) 6
IMAMELODI Sundowns izigwazele ibhece kwiNB La Masia FC emdlalweni weLast 32 yeNedbank Cup ngoLwesibili ebusuku eDobsonville Stadium, eSoweto.
Kuthe kuyiwa ekhefini besekungene amane eSundowns, amabili kaGaston Sirino nawoMatias Esquivel noTerrence Mashego.
Konke lokhu kwenzeke ngaphambi kokuthi uFaud Johnson abuyise ithemba kwiLa Masia ngephenathi.
Kuqale uLebohang Maboe, kwesesibili kwalandela uSirino.
Nakuba bekucaca ukuthi la maqembu adlala ezigabeni ezahlukene emizuzwini yokuqala engu-15, bekungazibeki nokuqaphela ukuthi abadlali beqembu lasekhaya bebekhululiwe ukuba balihlikihle.
Ngomzuzu ka-18 uSirino ubeke iSundowns ebuhleni ngegoli elihle kulandela uswidi wephasi awushayelwe uMaboe.
Akuphelanga isikhathi esingakanani induku entsha yeSundowns, u-Esquivel, yazazisa kubalandeli baleli qembu ngengcwenga ye-freekick ayiqabulise inethi ngoka-22.
Kube sengathi ayabathithibalisa la magoli abeLa Masia, sekuvela namatata maphakathi nenkundla obekudalela iSundowns amanye amathuba.
Nangempela liqhamukile elesithathu lishaywa uMashego kulandela enye iphasi emnandi eqhamuke ku-Esquivel maphakathi nenkundla.
Kungalindelekile kuvele iphenathi edalwe uMarcelo Allende edlalisa kabi uJohnson kungenasidingo. Ithathwe nguyena uJohnson leyo phenathi wayibeka enethini ngomzuzu ka-36.
Isheshe yakulungisa lokhu iSundowns ngegoli lesine obese kungelesibili likaSirino ephakelwa nguyena futhi uMaboe ongabanga nomona ngomzuzu ka-39. Kuyiwe ngalelo goli ekhefini.
ISundowns ikhiphe u-Allende, Mosa Lebusa noJunior Mendieta bonke abebenamakhadi aphuzi, yafaka uNeo Maema, Thembinkosi Lorch noBongani Zungu ezindaweni zabo.
Lesi siwombe sivulwe uMaboe oshayele iSundowns igoli lesihlanu ngomzuzu ka-49. Ngoka-70 uLorch uphakele uSirino ukuba ashaye elakhe lesithathu. Emuva kwalokhu bese kungathi iSundowns iyaziqeqesha kwazise nokuhonga kwabeLa Masia bese kucacile.
Komunye umdlalo wayizolo weLast 32, iSuperSport United neCape Town City uphele ngo 1-1. Kulamule amaphenathi, kunqoba Amatsatsantsa a Pitori ngo 3-1.