Maritzburg United (0) 0
Mamelodi Sundowns (3) 5
IMAMELODI Sundowns ikhiphele isibhongo kwiMaritzburg United ibukisa ngayo emdlalweni weDStv Premiership eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngoLwesibili ebusuku.
ISundowns iwine ngamagoli kaHashim Domingo amabili, Thapelo Morena noCassius Mailula amabili angene eziwombeni ezahlukene.
ISundowns, ehlezi esicongweni se-log ngamaphuzu awu-25 emidlalweni ewu-11, ingene enkundleni ibheke ukugeza igama layo kulandela ukwehlulwa yi-Orlando Pirates ngo-3-0 kowandulela owamanqamu weMTN8 ngempelasonto edlule.
Nokho kwiPremiership izinto ziyihambela kahle kwazise isiwine imidlalo yeligi eyisihlanu ilandelana. Ngokuwina izolo, iSundowns ivule igebe lamaphuzu amathathu esicongweni.
Ngaphezu kwalokho, ukuwina kweSundowns kusho ukuqala kahle kukaRhulani Mokwena omenyezelwe njengenhloko yabaqeqeshi kwiSundowns, okuwuguquko olumenyezelwe ngoMsombuluko ntambama. Lolu shintsho lusho ukuthi sekuzokhala isicathulo sakhe ebhentshini lalabo mpetha beligi. UManqoba Mngqithi kuthiwe usezoba yiSenior Coach, okuyisikhundla ebesinikwe uSteve Komphela phambili kanti uKomphela kuthiwe usezoba yiFirst Team Coach.
Esikimini sakhe esiqale umdlalo uMokwena wenze izinguquko, wabeka ngaphandle izethenjwa okukhona kuzona uThemba Zwane, Gaston Sirino noKhuliso Mudau. UMokwena akazange azihluphe ngokuhlala ebhentshini kusukela kuqala umdlalo. Ubelokhu ehla enyuka nolayini, echaya izandla.
ITeam of Choice, ebalwa namaqembu adlalela ngasemsileni we-log, kade inengcindezi yokuqoqa amaphuzu kwazise ingene enkundleni isidlale imidlalo emine ingawini. Ukubhaxatshulwa kwayo yiDowns akungabazeki ukuthi kufake enkingeni umqeqeshi, uJohn Maduka, okungenzeka ukuthi ubehlezi okokugcina ebhentshini leMaritzburg kulo mdlalo. Bekuvele kunezinkulumo zokuthi ulengelwa yizembe ngenxa yokubhacaza kweqembu.
Kulo mdlalo, obambezeleke ngehora yenxa yemvula ebihambisana nokuduma nombani, iMaritzburg ihlasele zibekwa kodwa yahluleka ukwakha amathuba acacile okushaya amagoli. Nokho iSundowns kade ikhombisa ukuba yingozi uma ihlasela. Ngomzuzu ka-26 uDomingo uqobele phakathi ibhola eligotshwe nguMorena ngakwesokudla. Ngomzuzu ka-29 uMorena, oqokwe njengomdlali ovelele, uzishayele elakhe igoli emuva kokuthola ibhola eligingqwe nguNeo Maema ebhokisini. ISundowns iqhubekile nokufaka ingcindezi. Ngomzuzu ka-45 uMailula uyishayele igoli lesithathu ngemuva kwebhola eligotshwe nguMorena kwesokudla.
Esiwombeni sesibili iSundowns ibuye ngamandla kodwa ihluleka uma isifike phambili. Imizamo yeTeam of Choice kade iphelela odongeni lwasemuva lweSundowns. Ngomzuzu ka-67 iSundowns iphinde yaluhlakaza udonga lweMaritzburg, uDomingo waqobela phakathi ibhola likaMorena. Ngomzuzu ka-76 ubuyile uMailula washayela iSundowns igoli lesihlanu.