Mamelodi Sundowns (0) 0
Cape Town City (0) 0
IMAMELODI Sundowns yandise amathuba okwephula irekhodi leKaizer Chiefs ibambana neCape Town City emdlalweni weDStv Premiership eLoftus Versfeld Stadium ngoLwesibili ebusuku.
ISundowns iqinisekiswe njengompetha beligi besizini ka-2022/2023 okwesithupha kulandelana ngempelasonto edlule emuva kokudlala ngokulingana kweSuperSport United neChippa United. Ngokwezibalo iSuperSport, esendaweni yesibili, yiyona kuphela ebisenethuba lokufica iSundowns ngaphambi kwalo mdlalo.
ISundowns isethubeni lokwephula amarekhodi ahlukene kwiPremiership okukhona kuwona eliphethwe yiChiefs lokungenelwa ngamagoli ambalwa ngesizini. Amakhosi angenelwa ngamagoli angu-11 ngesikhathi iwina iligi ngesizini ka-2003/2004. Kule sizini AmaBrazilians asalande ibhola enethini amahlandla ayisishiyagalolunye kuphela. Ngaphezu kwalokho, iSundowns inethuba lokwephula irekhodi lokuqoqa amaphuzu amaningi ngesizini okungu-71, elibeke ngesizini ka-2015/2016. Uma iSundowns iwina imidlalo eyisithupha eyisalele izogcina iqoqe amaphuzu angu-78
Leli qembu selivele liwabekile amanye amarekhodi okukhona kuwona elokuba yiqembu lokuqala kwiPremiership eliwine iligi ngo-Ephreli.
Enkundleni iSundowns, eqale umdlalo ngesikimu esijwayelekile, ifake ingcindezi zibekwa kodwa kade yehluleka uma isifike phambili. Amabhola amaningi abephelela ezandleni zikanozinti weCity, uDarren Keet. Kunalokho yiCity egcine isimsebenzisa unozinti weSundowns uRonwen Williams otakule ezakhe echithela ngaphandle ibhola elibi likaDarwin Gonzalez ngomzuzu ka-30.
Esiwombeni sesibili, iSundowns ibuye yaqhubeka nokuhlasela kodwa ibikhombisa ukuba buthuntu phambili. Ngomzuzu ka-74 uBrice Ambina weCity uthole ikhadi elibomvu ngemuva kokudlalisa kabi u-Aubrey Modiba. Ubekade ethole ikhadi eliphuzi ngokudlalisa kabi uThemba Zwane. Nokho iSundowns igcine yehlulekile ukusebenzisa ukushoda kweCity.
Emdlalweni olandelayo, iSundowns izovakashela iSwallows kowePremiership eDobsonville Stadium, ngeSonto ngo-3 ntambama. ICity izokwamukela AmaZulu FC ngosuku olufanayo eCape Town Stadium ngo-5.30 ntambama.