IMAMELODI Sundowns ivuna izithelo zokubhekisisa uma ifuna umdlali wangaphandle njengoMarcelo Allende, osephenduke isethenjwa eChloorkop.
Lona wumbono wenkakha yaseCameroon, uRoger Feutmba, eyafika eMzansi ngo-1996 ingaziwa. Emuva kwemidlalo embalwa, yaphenduka isilomo kumaBrazilians.
UFeutmba waphanyeka amakhokho emgibeni ngo-1999, esewine isicoco seligi kathathu kulandelana eChloorkop. Eminyakeni edlule bakhona abadlali bangaphandle abahlulekile ukuzenzela igama kwiSundowns.
Nokho manje kubukeka sekunoshintsho olukhulu ezingeni labadlali ebagawula emazweni, ikakhulu phesheya kwezilwandle. U-Allende (24), waseChile, ujoyine iSundowns ekuqaleni kwesizini ka-2022/2023, esuka kwiMontevideo City Torque.
Kule sizini uselikhuphule kakhulu izinga ngoba useyiqala yonke imidlalo yeligi ngaphansi komqeqeshi, uRhulani Mokwena. U-Allende ushaye into ecokeme emqhudelwaneni i-African Football League (AFL) egcine idliwe yiSundowns emuva kokwehlula iWydad Casablanca, yaseMorocco. Bekuyindebe yakhe yesibili ayiqukule kumaBrazilians kulandela ukuwina iligi ekupheleni kwesizini edlule.
UFeutmba, owayeyibamba ngenxele enkabeni yenkundla kumaBrazilians kuchwaze, ubabaze ubuhlakani ku-Allende.
“U-Allende ngumdlali omuhle futhi ohlakaniphile. Uhlakaniphe ngokwamaqhinga awasebenzisayo nezindawo okumele abe kuzona enkundleni ukuze alawule kahle umdlalo. Izinqumo zakhe ziyashesha enkundleni. Lokhu kuwubufakazi bokuthi iSundowns ayinqamuleli uma ithungatha umdlali.
“Umehluko phakathi kwayo namanye amaqembu wukuthi ayimsayinisi umdlali ngoba ibone ividiyo. Iyaphenyisisa ukuthi ungubani, usukaphi. Iyamlandela umdlali isikhathi eside, imbone edlala imidlalo emine noma eyisihlanu. Emuva kwalokho, ihlala naye phansi imenze aliqonde iqembu azolidlalela nezinselelo zokudlubha ijezi leSundowns. Ngaphezu kwalokho, iSundowns ifuna abadlali asebenze izinto ezibonakalayo emaqenjini abasuka kuwona,” kucacisa uFeutmba.
Emuva kokusayina kwiSundowns kuka -Allende, kwavela ukuthi abantu bangakubo eChile, abaphathekanga kahle ngesinqumo sakhe sokudlalela iqembu lase-Afrika, ekubeni babebheke ukuthi azakhele igama e-Europe. Imibiko eyavela yayithi iSundowns yakhipha u-R25 million ngo-Allende owahlaba umxhwele izinhloli zayo. Ukubaluleka kuka-Allende kubonakele ngesikhathi uMokwena emnika ibhande likakaputeni kweminye imidlalo.
Ngenyanga edlule uMokwena utshele abezindaba ukuthi ukuhlakanipha kuka-Allende nokuqonda ibhola kwakhe kugcina kuyinselelo kuyena njengomqeqeshi. Wathi lo mdlali uzoba ngumqeqeshi ophezulu uma eqoka lowo mkhakha eminyakeni ezayo.
“Kunezinto abadlali abanazo umqeqeshi angeke anconywe ngazo. UMarcelo Allende unokuningi kwalokho. Kunezinto ezimbili anazo, ephezulu kuzona wukuthi unomqondo webhola omangazayo. Ngicabanga ukuthi uzoba ngumqeqeshi ophezulu. Izinga lezinkulumo engiba nazo noMarcelo, ungenza ngicabange ngijule,” kuchaza uMokwena.
U-Allande nozakwabo njengoba sebeqedile nge-AFL, kumele bayoqhubeka nokulwa kwiCaf Champions League esingena esigabeni samaqoqo. Bazosiqala ngokuvakashelwa yiFC Nouadhibou yaseMauritanian ngoLwesihlanu.