Polokwane City (0) 0
Stellenbosch FC (2) 2
ISTELLENBOSCH FC iphinde yakhombisa ukuba yiqembu eliyingozi emiqhudelwaneni yomkhumulajezi idlulela kowandulela owamanqamu eCarling Black Label Knockout ngokubhaxabula iPolokwane City kowama-quarterfinal alo mqhudelwano e-Old Peter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoLwesihlanu ebusuku.
IStellenbosch sekungokwesibili ifinyelela kowandulela owamanqamu womqhudelwano womkhumulajezi kule sizini, njengoba yenzile nakoweMTN 8 lapho ikhishwe khona yi-Orlando Pirates.
Kanti nangesizini edlule iStellenbosch ifinyelele kowandulela owamanqamu eNedbank Cup lapho ikhishwe khona yiSekhukhune United, okuyiyona eyagcina idlala owamanqamu ne-Orlando Pirates.
Ukubuyela emdlalweni wayo nePolokwane, iStellenbosch ikhombise zibekwa nje ebhandeni ukuthi ize ngomsebenzi ePolokwane njengoba ihlasela zisuka nje yabe isithola igoli ngomzuzu wesikhombisa umdlalo uqalile, elivalelwe phakathi wu-Iqraam Rayners ngemuva ngemuva kwebhola alibekelwe wuJayden Adams.
Iqhubekile iStellenbosch nokukhombisa ukuthi ifuna ukusheshe iwuqede umsebenzi, ngegoli elivalelwe phakathi wuDevin Titus ngomzuzu ka-16, lokhu okwenze zaya ekhefini ihamba phambili ngo 2-0 iStellenbosch.
Yize womabili la maqembu ebengawathola amagoli abengenza isibalo samagoli senyuke kulo mdlalo, kodwa ehlulekile ukubhakuzisa inethi, ikakhulukazi iPolokwane ekhombise ngemizuzu yokugcina ukuthi isilifuna ngempela igoli kodwa kwala khona, kwagcina kuyiStellies enqoba lo mdlalo ngokusebenza kwayo kusakhanya ishaya amagoli amqoka ngesiwombe sokuqala.
Sekubhekwe emidlalweni emithathu yama-quarterfinal yangoMgqibelo ukuthi yimaphi amaqembu amathathu kwayisithupha azobe edlana imilala, azojoyina iStellies kweyandulela owamanqamu alo mqhudelwano weBlack Label Knockout.
I-Orlando Pirates izodudulana neRichards Bay FC eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngo-3 ntambama, kulandele AmaZulu FC neLamontville Golden Arrows kowomkhaya khona enkundleni eyodwa, ngo-7 ebusuku.
Bese iSekhukhune iqhuthana neTS Galaxy, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngo-8 ebusuku.