IZIZUMBULU okuhlomule ngazo iStellenbosch FC ngokudayisa abadlali bayo ababili abamqoka, ojoyine iMamelodi Sundowns, nothengwe i-Orlando Pirates, zizosetshenziswa ukuvala izimbobo ezivuleke ngokuhamba kwabo.
Lokhu abezindaba bakuzwe ngenhloko yabaqeqeshi kwiStellies, uSteve Barker, ngesikhathi ekhuluma nabo kulandela ukunqoba kwezakhe ngo 3-0 kwiNsingizi Hotspurs kowomlenze wokuqala esigabeni sokuqala sokuhlungela eyamaqoqo yeCaf Confederation Cup ngempelasonto eThekwini.
Ngaphambi kwalo mdlalo iStellies ishiywe umgadli wayo ophambili, u-Iqraam Rayners, osevele uqalile ukuziqeqesha neSundowns. Obekungukaputeni wayo, uDeano van Rooyen, usengowePirates.
UBarker akazange akufihle ukuthi kubaphoxile ukuhamba kwalezi zinsika ngoba bebehlele ukwakhela phezu kwazo ukuze baqhubeke nokukhula okukhonjiswa iqembu, eliqede endaweni yesithathu kwi-log ngesizini edlule.
“Ngabe ngisenga ezimithiyo uma ngithi akuzange kusiphazamise ukuhamba kwalaba badlali ngoba bebeyizinsika futhi okuningi besihlele ukukwakhela phezu kwabo,” kusho uBarker.
“Asilona iqembu elima endleleni yomdlali uma ethola amadlelo aluhlaza ingakho sibakhulule ngenhliziyo emhlophe sabonga ngakho konke abasenzele khona ikakhulukazi ngesizizini edlule lapho besisize khona sadla isicoco sethu sokuqala esigabeni esikhulu (Carling Knockout Cup).
Lo mqeqeshi usazozinza eThekwini kwazise imidlalo emibili yasekhaya yeStellies elandelayo emiqhudelwaneni ehlukene izoyigijimela eMoses Mabhida Stadium.
NgoMgqibelo iStellies izodlala neNsingizi kowomlenze wesibili weConfederation Cup. Izodlala neSundowns emlenzeni wesibili kowandulela owamanqamu weMTN8 ngoSepthemba 1.
Uphikile ukuthi basezithendeni zikaKeano Cupido, weCape Town Spurs, noThabang Matuludi, wePolokwane City okuthiwa bazama ukuvala ngabo izikhala zoRayners noVan Rooyen.
“Kuwukungahloniphi ukuphawula kwabezindaba ngabadlali bamanye amaqembu ngakho-ke ngeke ngiqale namuhla ukwenza lokho.
“Engingakusho ukuthi kusale izimbobo ngokuhamba kukaRayners noVan Rooyen ngakho-ke kusobala ukuthi izindawo zabo kufanele zivalwe.
“Imakethe yabadlali siyibhekile kodwa ngeke sigxumele noma ubani okhona kuyona. Uma kufanele kusebenze izishaqane esizihlomule ngokudayisela iSundowns nePirates ngeke singabaze ukukwenza lokho ngoba siphoqelekile,” kuphetha uBarker.