Stellenbosch FC (0) 1
Mamelodi Sundowns (0) 1
IMAMELODI Sundowns iyeke ithuba lokusizondeza ngokushesha nesicoco sesithupha seDStv Premiership kulandelana, ngesikhathi icazelana ngamaphuzu neStellenbosch FC emdlalweni weDStv Premiership odlalwe ngeSonto ntambama, eDanie Craven Stadium, eKapa.
Kudingeke ukuthi uCassius Mailula, asuke ebhentshini ezoshayela leli qembu igoli esiwombeni sesibili. Bekubukeka iSundowns izoqhubeka nokuqotha kwasani oluphambi kwayo kwiligi kodwa u-Iqraam Reyners wavalela phakathi iphenathi yeStellies umdlalo usuya ngasekupheleni.
Leli qembu lasePitoli lingene enkundleni seliqhube imidlalo ewu-15 linqoba kwiDStv Premiership.
Ngalo mphumela amaBrazilians asazihola phambili ngamaphuzu awu-56 esicongweni.
Kusukela umdlalo uqala, iStellies iyona ebikhombisa zimpawu zokulambela igoli kugqame bonke abadlali baphambili beqembu lasekhaya.
Nakuba imvula ibishaya ngamandla kodwa abalandeli beSundowns bebephume ngobuningi babo kulo mdlalo yize bebekhona nabeqembu ebelisingethe.
Iqembu lasekhaya ilona eliqale lo mdlalo ngamandla futhi kusobala ukuthi lingalithola noma inini igoli kusho kona ukuthi abagadli balo bebekhombisa ukuba buthuntu.
Umdlalo usuyela emizuzwini engu-15, iSundowns iqalile yaphaphama yize nayo ibingeyona kangako ingozi ezintini zeqembu lasekhaya.
Kukona konke, uJunior Mendieta, ubelokhu ewuhlupho kwiSundowns kanjalo noReyners, kwazise bebefika kulandelana ezintini zikaReyaad Pieterse obevimbele iSundowns.
Nesiwombe sesibili sibuye ngomgqigqo ofanayo kodwa nakhona obekusobala ukuthi womabili amaqembu awayona ingozi ngendlela okufanele abe ingozi ngayo phambi kwamapali.
IStellies ibilokhu iwatholile amathuba okuzibeka ebuhleni kusagqame yena uMendieta ohlale elihola njengesibani leli qembu.
Ngomzuzu ka-65, iSundowns ifake uSipho Mbule, obekunezinkulumo eziningi ngaye ngokuhluleka kwakhe ukuziphatha ngaphandle kwenkundla, uMailula oqhulula amagoli kule sizini no-Aubrey Modiba, abangene neminyakazo ebonakalayo ezindaweni zikaTerrence Mashego, Thapelo Morena noNtandoyenkosi Nkosi.
Ugcine ekhishiwe uMendieta indawo yakhe yathathwa u-Andre de Jong, obedlalela AmaZulu FC ngesizini edlule.
UMailula ugcine eyilamulele iSundowns ngegoli ngomzuzu ka-77, kulandela isibhudubhudu kade kuyi-freekick.
Emuva kwaleli goli, uMbule udale iphenathi sekusele imizuzu embalwa umdlalo uphele, wayithatha uReyners, wayibeka enethini ngoka-87.