ABAPHATHI be-Stellenbosch FC bamincele ukuthi iKaizer Chiefs idikibale ekusheleni kwayo ngamandla, uFawaaz Basadien, asebemkhuphulele umholo ngenhloso yokumnxenxa ukuba ahlale kuleli qembu laseKapa.
Sekunesikhathi kuvela ukuthi iChiefs isizame amahlandla amaningi ukunxenxa iStellies ukuba ibadayisele lo mdlali osalelwe isizini eyodwa kwinkontileka nabo.
Muva nje, kuvele nokuthi kwayena uBasadien uzimisele ngokujoyina leli qembu laseNaturena yize singacaci isizathu sokumfuna kwalo kwazise lisanda kusayinisa uRushwin Dorthley noBongani Sam, bobabili abadlala indawo okugijima kuyona uBasadien.
Ukupheshukelwa uDeano van Rooyen no-Iqraam Rayners, abajoyine i-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns muva nje, kwenza abeStellies bangabulali ubuthongo ngoba uBasadien abamthola kwiMoroka Swallows ungomunye wabadlali abebehlele ukwakhela phezu kwakhe.
Lokhu kushiwo isikhulu esiphezulu seStellenbosch, uRob Benadie, ekhuluma nabezindaba ngaphambi kowomlenze wesibili esigabeni sokuqala kweyokuhlungela eyamaqoqo ye-Caf Confederation Cup neNsingizini Hotspurs yase-Eswatini.
“Ukudedela abadlali abamqoka kuzosikhubaza ekuqhubekeni nalokhu ebesilokhu sikubumba eminyakeni emine edlule ngakho-ke asizimisele ngokuhlukana noBasadien,” kusho yena.
“Yebo, kukhona okubekwe iChiefs etafuleni kodwa asizimisele ngokuhlukana naye ingakho nenkontileka yakhe sisanda kuyibuyekeza ngoba sifuna ukumkhombisa ukuthi umqoka kulokhu esizama ukukwakha.
“Umdlali uyazi ukuthi umqoka kangakanani eqenjini ngakho-ke sihlalele ethembeni lokuthi iChiefs igcine idikibele.
“Ngiyamethemba uBasadien. Kuyethembisa ukuthi uzohlala ngoba kwamanje indlela aziphethe ngayo ayikhombisi ukuthi uyafunwa,” kusho uBenadie.
IStellies izibekisele kalula indlela ebheke esigabeni sesibili sokuhlungela amaqoqo kwiConfederation Cup kulandela ukunqoba kwayo ngo 8-0 kwiNsingizini uma sekuhlanganiswe imiphumela yemilenze yomibili.
Leli qembu lingelinye lamatasa kwawakuleli njengoba kusalindwe kuqalwe imidlalo ye-Betway Premiership ngoSepthemba.
IStellies izobhekana neSundowns kwomlenze wokuqala kowandulela owamanqamu we-MTN8 ngoLwesithathu ngo-7 ebusuku eLucas Moripe Stadium, eTshwane.