Richards Bay FC (0) 0
Stellenbosch FC (0) 3
ISTELLENBOSCH FC izibekisele indawo okokuqala kowamanqamu womkhumulajezi kusukela yakhushulelwa esigabeni sePremiership ngesikhathi inenebula iRichards Bay FC emdlalweni wowandulela owamanqamu weCarling Knockout eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoMgqibelo ntambama.
IStellenbosch eyakhushulelwa esigabeni sePremiership ngesizini ka-2018/2019, ibisizame kaningana ukufinyelela kowamanqamu womkhumulajezi njengoba nakwiMTN 8 yaku lonyaka ifinyelele kowandulela owamanqamu, yakhishwa yi-Orlando Pirates.
IBay bekungokokuqala ifinyelela kweyandulela owamanqamu omkhumulajezi kusukela ikhushulelwe esigabeni sePremiership ngesiszini ka-2021/2022.
Ngesiwombe sokuqala iStellenbosch yiyona ebiphezulu ngomdlalo futhi yathola amathuba amaningana kuneBay.
Okuqaphelekile esikimini seNatal Rich Boyz esiqale umdlalo ukuba sezintini kukaPhilasande Manqele, ekubeni uJackson Mabokgwane edlale kahle ngesikhathi leli qembu libambana ngo 0-0 nePirates koweligi.
Ziye ekhefini zibambene ngo 0-0. Nokho ngesiwombe sesibili iStellenbosch ibuye isithelwe ngezibonkolo, njengoba emzuzwini embalwa zibuye ekhefini ibisihlasela ngamandla. Ngomzuzu ka-51 ithole igoli ngonyawo lukaDevin Titus ngemuva komnyakazo omuhle obuqhamuke no-Iqraam Rayners.
Ukuqhubeka nokucindezela kweStellies kuphinde kwathela izithelelo ngenkathi u-Anicet Oura engqofela phakathi ibhola kade kuyi-corner kick ngomzuzu ka-69. U-Antonio van Wyk obengene ngesiwombe sesibili esuka ebhentshini, ushayele isipikili sokugcina evalela phakathi elesithathu ngomzuzu ka-86, okukhombise ukuxega kodonga lwasemuva lweRich Boyz kulo mdlalo.
IBay ikhombisile ukuthi iyawafuna amagoli esiwombeni sesibili ngokufaka abagadli ababili, uYanela Mbuthuma noSomila Ntsundwana kodwa kwala khona ukwenza njengoba iStellies ibiwadilizile amabhuloho okwedlula kulo mdlalo.
IStellies isilinde ozonqoba phakathi kwaMaZulu FC neTS Galaxy ngeSonto, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Kanti ngakolunye uhlangothi ukuphuma kweRich Boys kulo mqhudelwano womkhumalajezi kusho ukuthi sekuzofanele igxile ngokuphelele emidlalweni yeligi ukuze ilwele ukusuka endaweni embi ekuyona. Kwi-log yeDStv Premiership isendaweni ka-15. ICape Town Spurs iyibambe esemsileni.