Cape Town Spurs (0) 0
Moroka Swallows (0) 1
ICAPE Town Spurs iyeke ithuba lokusuka okokuqala emsileni we-log yeDStv Premiership kule sizini ngesikhathi ivumela ukushayelwa ekhaya iMoroka Swallows umdlalo usuyophela ngeSonto e-Athlone Stadium, eKapa.
Le wini obekungeyokuqala yeSwallows emidlalweni yeligi engu-13 iyithole ngonyawo, lukaGabadinho Mhango, ngemizuzu yokugcina.
Ama-Urban Warriors ayeke ithuba lokuba ngaphezulu kweRichards Bay FC kwi-log (ukube ebenqoba), yize bekuyiwona asekhaya futhi kuyiwona abenamathuba angcono.
Kusukela leli qembu eliphekwa, u-Ernst Middendorp, likhushulelwe esigabeni esikhulu nyakenye alikaze lisuke emsileni yize sekusele imidlalo yeligi engaphansi kwengu-10 ukuthi isizini isongwe.
Nakuba engavelanga amagoli kodwa isiwombe sokuqa sikukhombisile ukuthi bekubhekene amaqembu abewadinga ngendlela efanayo amaphuzu.
Yize bekuyiSpurs efika kaningi ezintini, zikaDaniel Akpeyi, obevimbele izivakashi kodwa akukho lapho bekubukeka khona sengathi iSwallows isenkingeni.
Zize zaya ekhefini zilokhu zithengana kubuye kuqapheleke nokuqina konyawo nhlangothi zombili obekufakazela ubumqoka bamaphuzu abebekwe etafuleni.
Kube iSwallows ebuya ngamathuba angcono esiwombeni sesibili ewela, ku-Augustine Mahlonoko noLindokuhle Mtshali, ngokwahlukana kodwa bobabili abehlula.
Ukuqina konyawo bekwenza nonondweba obephethe lo mdlalo, uSikhumbuzo Gasa, awumise njalo obekuphazamisa nomgqigqo wawo.
Ngasekupheleni kwalo mdlalo, uMusa Nyatama, uyitholile iwini asenesikhathi eyigcinile ngonyawo lukaMhango oshaye igoli esehamba yedwa ngomzuzu ka-89 kulandela umsebenzi omuhle wabadlali basesiwini beSwallows.
Le wini iphefumulise kangcono iSwallows ngokuba sembangweni wokubalekela ukugencwa izembe kwazise isihleli ngamaphuzu awu-24 kunombolo-13, igudluza iChippa United kwi-log. Emsileni kusavale iSpurs ngawu-12, unombolo-15 ubanjwe iBay ngamaphuzu awu-14.