Cape Town Spurs (2) 2
Orlando Pirates (1) 1
I-CAPE Town Spurs iwathole kwi-Orlando Pirates amaphuzu ayo okuqala ngqa kusukela ikhushulelwe esigabeni esikhulu kulandela ukunqoba kwayo ngoLwesithathu ebusuku, emdlalweni weDStv Premiership e-DHL Stadium, eKapa.
Kusukela iSpurs ikhuphukele esigabeni esikhulu ngemidlalo yokuhlunga, ibisishaywe kuyona yonke imidlalo yokuqala eyisishiyagalombili yeligi.
Kudlule imizuzu emithathu umdlalo uqalile uMelusi Buthelezi, obevimbele iPirates walilanda enethini ngesikhathi uLubeni Haukongo, ezithola ebhekene ngqo nepali walibeka enethini.
Seziyela emaphethelweni esiwombe sokuqala, uJarrod Moroole ushayele iqembu lasekhaya igoli lesibili ngaphambi kokuthi u-Evidence Makgopa, ashaye igoli lakhe lokuqala kusukela efikile kwiPirates.
Kuyiphaphamisile nokho iPirates ukuzithola isilandela ngemuva umdlalo usanda kuqala kwazise iyona vele obekulindelekile ikhonye ngokwakha amathuba amagoli.
Ilukuluku lokufuna ukulinganisa ngokushesha belenza iPirates ibe buthaka emuva njengoba iSpurs inabagadli osuke ufike ekhaya uma ubafaka emahhashini.
Ngesikhathi kubukeka sengathi iPirates izolinganisa, iSpurs izibeke ebuhleni ngegoli lesibili elishaywe uMoroole ngomzuzu ka-36 kulandela uswidi wephasi kaLuvuyo Phewa.
Sesiyophela isiwombe sokuqala, uMakgopa unciphisele iPirates ngegoli alishaye ngekhanda ngoka-44 kulandela umsebenzi omuhle kaThapelo Xoki.
Ibingasenalo ithuba lokuphefumula esiwombeni sesibili iSpurs kwazise iPirates ibisiphungwa ngezithebe.
Kuyona yonke iminyakazo yePirates bekucaca ukuxhamazela kubadlali abafana noThembinkosi Lorch, Patrick Maswanganyi noKermit Erasmus, oze wakhishwa.
Kufanele ukuthi lo mphumela uzomqedela ubuthongo umqeqeshi wePirates, uJose Riveiro, njengoba izinto zingahambi kahle kwiligi.