ISIPHENDUKE ivesi lemihla ngemihla kwiKaizer Chiefs eyokulwela ukuqeda isomiso seminyaka sezicoco.
Lokhu kuvele enkulumeni kanozinti waleli qembu, uBruce Bvuma, obexoxa nabezindaba ngokuqhathwa kwabo neCasric Stars kwiLast 16 yeNedbank Cup ngoLwesithathu ebusuku, eGoli.
“Siqhathwe neCasric Stars (iqhwakele kwi-log yeMotsepe Foundation Championship) eyenza kahle eligini yayo. Yinto eyaziwayo ukuthi akulula ukubhekana namaqembu amancane kulo mqhudelwano. Sizolwela ukwenza kahle,” kusho uBvuma.
“Njengabadlali, sazi kahle ukuthi sekuphele iminyaka eyisishiyagalombili singasazi isicoco ngakho sizozinikela ngakho konke esinakho ukuqeda leli shobolo lesomiso. INedbank Cup ngelinye ithuba lokulungisa lokho.”
UBvuma ngomunye wabadlali abakhulele kwiChiefs kodwa kunabanye ngokusho komqeqeshi wabo, u-Arthur Zwane okuyima bekuqonda kahle ukuthi kusho ukuthini ukuba ngumdlali weChiefs.
“INdaba yengcindezi kwiChiefs yinto esisayina siyazi ukuthi sizophila ngayo. Akukho okusha ngayo. Okwethu wukuphuma siye enkundleni siyozinikela ngaso sonke isikhathi,” kusho uBvuma.
“Sikhule siyibuka iKaizer Chiefs ingelinye lamaqembu amakhulu ezweni. Yaziwa ngokuwola izicoco.
UBvuma ulizwa ngendaba ijezi kulezi zinsuku kangangoba nangeSonto sebebhekene ne-Arrows kulindelwe kuvimbe uBrandon Pietersen, okunguyena obesezintini emidlalweni edlule.
“Sinonozinti abahle. Njengamanje nguBrandon odlalayo futhi wenza kahle. Ngalokho ngeke ulindele ukuthi avele ashintshwe nje,” kusho uBvuma.
“Okumqoka wukuqhubeka nokuzikhandla. Yebo, kuhlezi kukhulunywa ngokuthi unozinti udinga ukudlala njalo ukuze azikale izinga lakhe nefomu kodwa kuwumthwalo wethu sonke ukweseka lowo osuke edlala ngaleso sikhathi.”
Kuyavela kodwa ukuthi uBvuma akanayo impendulo mayelana nokuthi yena limphunyuke kanjani ijezi kwazise akazange alimale kanti bese limfake nakwiBafana Bafana, ebuyela enkundleni ngoMashi emidlalweni yokuhlungela i-Africa Cup of Nations.
Sisekuzo ezeNedbank, uKennedy Mweene, oqapha izinti kwiMamelodi Sundowns, uthe ngeke bayitotose iMarumo Gallants kwiLast 16 ngoba bayazi kahle ingqondo yayo.
“Akusabisi (ukuqhathwa neMarumo) ngoba basezingeni lethu. Ngempelasonto banqobe ngo-4-0 (koweCaf Confederation Cup). Ngeke uthi bathwele kanzima (bakumbolo 16 kwilog) kanti vele sibazi kahle ngoba sidlalile nabo kowamanqamu (eNedbank Cup),” kusho uMweene.
Khonamanjalo iChiefs kuzobhekwa ukuthi iqhubeke nesigqi sokuwina uma isidlala neLamontville Golden Arrows ngeSonto koweDStv Premiership. IChiefs isendaweni yesihlanu kwi-log ngamaphuzu awu-28.
Ziqhathwe kanje kwiLast 16 yeNedbank Cup:
Pirates v Venda FA; Arrows v Royal AM; Gallants v Sundowns; Chippa v Mpheni HD; Dondol v AmaZulu; Chiefs v Casric; Sekhukhune v CT Spurs; Galaxy v Stellenbosch.
Imidlalo yeDStv Premiership ngempelasonto:
Kusasa: Royal AM v SuperSPort eChatsworth Stadium, ngo-3.30pm; Sekhukhune Utd v R’Bay FC ePeter Mokaba Stadium, ngo-5.30pm; AmaZulu v TS Galaxy eMoses Mabhida Stadium, ngo-8pm.
NgeSonto: K’Chiefs v G’Arrows ePeter Mokaba, ngo-3.30pm; CT City v Swallows eCape Town Stadium, ngo-5.30pm.