UMDLALI wasemuva waMaZulu FC, uMbongeni “Shoes” Gumede, unephupho lokubuyela emidlalweni yeCaf Champions League naleli qembu laseThekwini afike kulona ngokubolekiswa yi-Orlando Pirates ngo-2015, wagcina ngokuhlala kuze kube inamuhla.
UGumede (29) obuye abe ngomunye wokaputeni, ubengomunye wabadlali abamqoka kuMaZulu ngesizini yeDStv Premiership ka-2020/2021, lapho eqede endaweni yesibili kwi-log.
Ngaleso sikhathi abengaphansi kwesandla sikaBenni McCarthy, osekungumlando ukuthi usengomunye wabaqeqeshi kwiManchester United yase-England.
Le sizini ka-2020/2021, uGumede ayichaze “njengeyomlingo kaBenni”, yaba engcono kunawo wonke emlandweni waMaZulu, obekuhamba nomhlomulo wokuba ingxenye yeCaf Champions League.
Lo mdlali obeyingxenye yoSuthu ludla i-KZN Premier’s Cup lwaphinde lwalala isibili kwiPrince Mangosuthu Legacy Cup, utshele Isolezwe ukuthi akukho kuyena okuzodlula ukuthi baphinde abakwenze ngaphansi kukaBenni kule sizini ezoqala.
“Konke kuhamba ngokohlelo futhi siyajwayelana nomqeqeshi wethu omusha (uPablo Franco Martin) kodwa okuyikona esengicabanga ngakho ukuqala kwesizini,” kusho uGumede.
Usuthu luzovula isizini yalo entsha ngokuvakashela iRoyal AM ngoMgqibelo ngo-5.30 ntambama, eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.
“Ngiyaqonda ukuthi ngingomunye wabadlali abadala eqenjini ngakho-ke kufanele ngibe isibonelo kubafana abancane.
“Ngihlushwe ukulimala lapha nalaphaya kumasizini amabili adlule kodwa engikukhulekelayo kulokhu ukuthi ngiyidlale yonke le esizoyiqala ngaphandle kokuphazanyiswa ukuthinteka.
“Kule sizini kufanele sidlalele ukufa nokuphila ukuze sizobuyisa umuzwa esiwuzwe ngesizini esiqede kuyona endaweni yesibili.
“Kithina esiwaziyo lo muzwa wenjabulo yokubona abalandeli boSuthu beqholosha ngeqembu labo, kuyijoka ukuthi siqinisekise ukuthi sibabamba ngesandla abadlali abancane ukuze nabo bezowuzwa.
“Singayibuyisa injabulo yakuleya sizini lapho sigile khona izimanga saze safika kweyase-Afrika, inqobo nje uma sizoqhubeka nalokhu kubumbana engikubona kozakwethu nokuzimisela, ukuqhubeka nokuzikhandla noma sekunzima.
“Iqembu libukeka liqinile kanti nendlela yokudlala yomqeqeshi omusha sesiyijwayele ingakho singasakwazi ukulinda ukuthi kuqale isizini,” kuphetha uGumede oke wadlala nakwiJomo Cosmos ngakho belu ukubolekiswa yiPirates.