AKASIBONI isidingo sokugxila kosekwenzekile, uThapelo Xoki, we-Orlando Pirates kodwa lesi sitobha sibona ithuba lokufaka umfutho emidlalweni esele ngoba kusekhona abasakulwela kule sizini ka-2022/2023.
Lesi sitobha sitshele abezindaba izolo, ntambama eRand Stadium, ukuthi umdlalo omqoka kunayo yonke kubona oweDStv Premiership neLamontville Golden Arrows abazoyamukela ngoMgqibelo, ngo-3.30 ntambama e-Orlando Stadium.
Kusukela kuqale isizini, iPirates ibilokhu ibalwa njenqembu okuyilona elingadlisela iMamelodi Sundowns ogageni kodwa imiphumela yakamuva ikhomba ukuthi iBucs ihlehla nyova njengoba isisendaweni yesishiyagalombili kwi-log.
Emdlalweni wokugcina ka-2022, ihlulwe iSundowns ngo-2-0 koweligi kwathi ngempelasonto edlule, yaguqiswa iCape Town City ngo-2-1 eKapa. Lona bekwumdlalo wesithathu behlulwa kwiligi nokwenze kwagqama ukuthi kungenzeka ukuthi kukhona okungahambi kahle kulabo mpetha beMTN 8.
UXoki ongomunye wabadlali akhombisa ukubethemba, uJose Riveiro, opheka iPirates, uthe wonke amandla bawafake ekuqaleni nge-Arrows ukulungisa isimo abazithola bebhekene naso.
“Sonke siyazi ukuthi asizange siwuqale ngendlela ebesifisa ngayo unyaka kodwa ngoMgqibelo sinethuba lokuqala ukulungisa izinto,” kusho uXoki.
“Ngeke kusisize ngalutho ukugxila kosekwenzwekile kodwa okumqoka ukuthi sizosukuma kanjani kulesi simo esibhekene naso njengoba kuhlale kwenza amaqembu athathwa njengamakhulu.
“Kukithina ukuthi sizikhuthaze njengabadlali bese siyakhombisa futhi ngoMgqibelo ukuthi kungani sikhethelwe ukuba abadlali bePirates,” kuqhuba lesi sitobha esifike kwiPirates sisuka kuMaZulu FC.
Uyavuma uXoki ukuthi bayiqala kahle imidlalo bese kuya ngokuya kwehla kodwa sebesitholile isisombululo salokho.
“Siyazi ukuthi yini okufanele siyenze ukugwema ukungena esikhinsini esifanayo njengoba kwenzeke kwiCape Town City, ethole amathuba amabili kuphela yawasebenzisa ekubeni siwuphethe wonke umdlalo.
“Kumele siqinisekise ngoMgqibelo ukuthi uma siwuphethe umdlalo kumele sishaye amagoli ngokushesha ngoba sekusikhubaze kakhulu ukungawasebenzisi ngendlela amathuba.
“Siyazi ukuthi asenzanga kahle emidlalweni edlule kodwa futhi siyazi ukuthi sisenalo ithuba lokulwela isicoco seligi, eseCaf Champions League neseNedbank Cup,” kuphetha uXoki.
IPirates ikwazile ukushaya i-Arrows emzuliswaneni wokuqala weligi eyehlula ngo 2-0 ekuhambeni. Nokho kufanele wukuthi Abafana Bes’thende nabo bazoya e-Orlando benethemba lokubuya bephethe okuthilwe emgodleni njengoba bekwazile ukushaya iSuperSport United esendaweni yesibili kwi-log, beyiguqisa ngo 2-1 eThekwini ngempelasonto edlule.