ISITOBHA seMarumo Gallants, uSicelo Hlatshwayo, sikholwa wukuthi uma bengaqeda ukhondolo lokungenelwa ngamagoli kalula, kukhona abangaphuma nakho kwiMamelodi Sundowns.
IGallants izovakashela iSundowns emdlalweni weDStv Premiership eLoftus Versfeld Stadium kusasa ngo-7.30 ebusuku. Ingelinye lamaqembu abhinjelwa yizinto kule sizini futhi aseshintshe abaqeqeshi.
Isizini iqalwe nguRomain Folz oshiye engawinanga nowokubika umdlalo kweyisihlanu ayihlale ebhentshini. Indawo yakhe ithathwe nguDan Malesela osekhuza ibuya kuleli qembu.
IGallants isendaweni ka-15 kwi-log ngamaphuzu ayisishiyagalolunye emidlalweni eyisishiyagalolunye. Iyalingana neSwallows eyibambe emsileni we-log yePremiership.
UHlatshwayo waseMadadeni, eNewcastle, uthe okubacekela phansi wukungenelwa ngamagoli kalula okuholela ekutheni baphunyukwe ngamaphuzu noma sebehamba phambili. Leli qembu lisavuzise amagoli ayisikhombisa emidlalweni eyisishiyagalolunye. Amaphuzu liwahlahle kakhulu ngokudlala ngokulingana eselikwenze izikhazwu eziyisithupha.
"Kufanele sikugweme lokhu uma sesidlala neSundowns. Uma singenza lokho sinethuba lokuphuma nephuzu noma amathathu. Imidlalo eminingi esiyidlalile okubalwa kuwona owe-Orlando Pirates noweKaizer Chiefs, sidlale kahle kodwa sigcine singenelwe ngamagoli. KwiPirates singenelwe yigoli umdlalo usanda kuqala. KwiChiefs sishaye igoli kuqala kodwa sayivumela yabuya umdlalo usuyophela. Lesi yisimo okufanele sisilungise," kusho uHlatshwayo.
UHlatshwayo ugqame enkulisa yaMaZulu kumasizini adlule eyibamba kwi-Warriors ngaphansi komqeqeshi uJoel Faya. IGallants imthole eseyibamba kwiPolokwane City. Kunezinkulumo zokuthi uHlatshwayo usesayine kwelinye iqembu laKwaZulu-Natal, elikwiPremiership futhi uzoqala ukudlala kulona ngoJanuwari.
Nakuba uHlatshwayo ekhala ngokuvuzisa emuva emidlalweni yeligi kodwa kukhulunywa indaba ehlukile ngeGallants kwiCaf Confederation Cup kwazise isethubeni lokungena esigabeni samaqoqo. Amaqembu adlulele kulesi sigaba azoqhathwa namuhla eCairo, e-Egypt.
IGallants kuzofanele isebenzise umfutho weConfederation ukubuya namaphuzu agcwele kwiSundowns ehlezi esicongweni se-log ngamaphuzu awu-19.
Umdlali weSundowns, uThapelo Morena, uthe kuhlala kunzima ukubhekana neGallants ngenxa yebhola layo.
"Kuhlala kuwumdlalo omuhle uma sidlala neGallants ikakhulukazi njengoba sekubuye umqeqeshi uDan. Isitayela sabo sokudlala sizoba yinselelo kakhulu, siyakwazi lokho. Kufanele sibhukule futhi sigxilise umqondo wethu emdlalweni sibhekane nawo njengoba unjalo. Uma beza kithina kuzofanele silwe nathi, senze okufanele sikwenze," kusho uMorena. ISundowns ibidlala eyeCaf Champions League ngempelasonto lapho isidlulele khona esigabeni samaqoqo.