UMDLALI weKazier Chiefs, ofike ethwelwe ngeqoma esuka kwiMoroka Swallows, uDillan Solomons, ubhoboke ngobunzima abhekane nabo ngenxa yokulimala kaningi kulandelana eduze, okumphuthisele ngemidlalo kuMakhosi.
USolomons (24) ofike kwiChiefs ngasekuqaleni kwesizini edlule kunesasasa ngaye esuka kwiSwallows, wasayina inkontileka yeminyaka emine.
Enkulumweni ekhethekile asanda kuba nayo neSolezwe eThekwini muva-nje, lo mdlali ofike kwiChiefs kunomsindo kumbe umbango ngaye obuthinta iRoyal AM, ukhale ngokuphazanyiswa yizinto eziningi kwisizini yakhe yokuqala kuMakhosi, okwenze wahluleka ukuyenza eyakhe indawo esikimini sika-Arthur Zwane (obeyinhloko yabaqeqeshi ngesizini edlule).
Ngaphandle kokukhumuka ihlombe ngoFebhuwari bebhekene neRoyal AM, uSolomons odlala kwesokudla emuva, uke weqiwa imidlalo ye-DStv Premiership neyeNedbank Cup ngo-Ephreli ngenxa yokugula nokunye ukulimala okuhlukene.
Ngesizini yakhe yokuqala eNaturena, uSolomons udlale eyeligi engu-21 washaya igoli elilodwa, emibili yeNedbank nemithathu kwi-MTN8 lapho ewakhele khona igoli elilodwa.
Kuhlale obala nokho kule nkulumo ukuthi lo mdlali uzizwa esendaweni engcono kule sizini kanti nombango wesikimu uwulungele.
“Ngeke ngikufihlele kungibohlisile ukuthi kunemidlalo eminingi ebengiyibuka nezihlwele esikhundleni sokuyidlala ngenxa yokulimala,” kusho uSolomons.
“Ukulandwa kwiChiefs kusho ukuthi kukhona okuthile ngawe, manje uma ungasalitholi ithuba lokuvezela abalandeli lokho, inhliziyo ishona phansi.
“Inhlanhla wukuthi iChiefs yiqembu elinazo zonke izinhlaka ezidingekayo ngakho-ke bonke ubunzima ebengibhekene nabo ngesizini yami yokuqala abubanga nzima kangako ngoba bekukhona abantu abangizungezile.
“Yebo lokhu bekuwusizo kakhulu kodwa ngeke ngikufihle ukuthi bekungidla ngaphakathi ukungadlali ngenxa yokulimala ngoba bekungincisha ithuba lokukhombisa abalandeli ukuthi kungani iChiefs ibayeke bonke abangadlala le ndawo engiyidlalayo baqoka mina,” kulandisa uSolomons.
Njengoba iChiefs inomqeqeshi omusha, uSolomons ubona lokhu njengethuba lokuzibuyisela esikimini ngokugcwele.
“Ngiyavuma ngiphazanyiswe ukulimala kodwa nombango wesikimu ushubile kwiChiefs ngoba lo osuke enikwe ijezi uma kukhona olimele akabe esalidedela.
“Ngizizwa ngiwumqemane kule sizini. Ngizokhulekela ukuthi kuqhubeke kanjalo bese ngizama ngakho konke enginakho ukuzifaka ekhanda likaNtseki (Molefi), uma ecabanga isikimu,” kuphetha uSolomons. Okwamanje le ndawo, uNtseki usayinikeza uReeve Frosler.
Amakhosi anephuzu emidlalweni emibili yeligi, azovakashela i-TS Galaxy kowePremiership ngeSonto ngo-3 ntambama, eMombela Stadium, eNelspruit.