OMUNYE wabadlali abamuzwa ngaphakathi abalandeli be-Orlando Pirates, uDeon Hotto, wayebalekiselwa ubugcwelegcwele ngesikhathi ehlangana nobizo lwakhe kunobhutshuzwayo.
UHotto (33) ubudala wazalelwa eSwakopmund, eNamibia, kodwa wabalekiselwa ekomkhulu lakuleliya lizwe, iWindhoek, kulandela ukuboshelwa kwakhe ukuthatha ngendluzula iselula.
Lo mdlali oyingane yokugcina kweziyisithupha wakhula kanzima ikakhulukazi emuva kokushona kukanina ngo-1999 esafunda u-Grade 3.
Lokhu kwenza uHotto wagcina ehlangana nabangani ababi yize ekuveza ukuthi ubaba wakhe owayeshayela amabhasi wazama konke okwakungenziwa ngumzali okhulisa izingane eziningi eyedwa.
Izindlela zikaHotto zasebusuku zigcine zimfaka ebugebengwini lapho babehamba khona nabangani becuthela abantu, babephuce amaselula nemali bebakhombe ngemimese.
Ngokusho kukaHotto isikole wasiyeka kwa-Grade 10 okuyilapho angena khona wagxila ebugebengwini obagcina buholela ekutheni ahlale izinyanga ejele.
Konke lokhu kuvele ngesikhathi uHotto evula isifuba ngempilo yakhe kwiqophamlando lePirates elikhonjiswa kwiSuperSport kulezi zinsuku, iThe Changeroom.
“Ekushiyeni kwami isikole ngiqale ngazizamela ngetafula ebengidayisa kulona oswidi, amakhekhe nokunye kwahamba kwaze kwafika isikhathi lapho mina nabangani bami singena khona ebugebengwini,” kusho uHotto.
“Kuqale ngokuphuca abantu amaselula nezikhwama zemali kwakhuphukela ekugqekezeni izimoto okuhambe kwaze kwafika lapho ngiboshwa khona izinyanga ezine ngo-2012,” kulandisa lo mdlali.
Ekuphumeni kwakhe ejele, ubaba wakhe umkhombe eWindhoek ukuba ayohlala nobaba omncane wakhe ngenhloso yokumbalekisa empilweni yobugcwelegcwele.
“Umzala wami wangiyisa emqhudelwaneni webhola owawuselokishini lapho ngafika khona ngadlala kodwa ngaba nenhlanhla yokuthi imenenja yelinye lamaqembu amakhulu eNamibia (African Stars) izongiqaphela.
“Kulapho izinto zajika khona kangangokuthi ngo-2013 ngaqala ukubizelwa eqenjini lesizwe. Ngonyaka olandelayo ngikulona elesizwe, kwaqondana nokuthi iLamontville Golden Arrows ibizobukela omunye wabadlali beNamibia kanti uzolimala sekusondele umdlalo.
“Indawo yakhe esikimini yathathwa yimina. Lokhu kwenza i-Arrows yangabe isaqhubeka nebikuzele kepha yangithatha yangiletha eNingizimu Afrika ngoJuni ka-2014,” kuqhuba yena.
UHotto wafika kwi-Arrows wadlala ngempumelelo amasizini amabili okulandelwe wukuthi adlulele kwiBloemfontein Celtic nakuBidvest Wits.
Ngokusho kwakhe iphupho leminyaka lifezeke ngo-2020 ngesikhathi esayina kwiPirates asephenduke esinye sezithenjwa zayo ngaphansi kobuholi bomqeqeqeshi uJose Riveiro.
“Akekho ongayazi iPirates eNamibia ngakho-ke mhla ngisayina kuyona kwaba sengathi ngizelwe kabusha,” kuphetha uHotto.