AKANEME ngokuba buthuntu kweqembu lakhe uma selingene ebhokisini lezitha umqeqeshi weKaizer Chiefs, uMolefi Ntseki.
IChiefs iqale isizini yeDStv Premiership ka-2023/2024 ngokubambana ngo 0-0 neChippa United ngeSonto eMoses Mabhida Stadium, eThekwini emdlalweni ebingosokhaya kuwona.
Izinkulungwane zabalandeli baleli qembu ebezizothamela umdlalo, zibuyele emakhaya zikhononda ngebezikuchaza ngokuthi isizini yintsha kodwa izinkinga zindala.
Bekungumdlalo wokuqala osemthethweni kaNtseki kusukela ethathe umsebenzi ku-Arthur “1011” Zwane, oseyiphini lakhe.
“Akekho ongabonanga ukuthi emuva sesiyiqembu elihluke kunangesizini edlule ngenxa yabadlali abasha kodwa uma sekuyiwa phambili, ngabe ngiqamba amanga uma ngingathi ngineme,” kusho uNtseki esithangamini nabezindaba emuva komdlalo.
Emuva maphakathi nodonga uNtseki ubophele abadlali abasha, uGiven Msimango noDithlokwe Thatayaone.
“Indlela esifika ngayo ezintini zezitha ikhomba ukuthi kufanele okungenani ngabe silitholile igoli elilodwa kulo mdlalo.
“Kusemqoka ukuthi wenzani uma ususebhokisini lezitha, uma ufuna ukunqoba imidlalo. Uma lokhu kungenzeki kufanele uzame nangama-freekick nokunye kodwa thina asizange sizame ngokwanele kuzona zombili lezi zindlela zokuthola amagoli.
“Asizange sakhe amathuba anele kodwa nakuwona lawo amancane avelile, besingeyona ingozi kangako kwiChippa, okuyinto engangihleli kahle.
“Kube kuhle ukuthi uRanga (Chivaviro) abonakale enkundleni kodwa akakabi wumqemane ngokwanele, ngakho-ke okwamanje akukho okutheni ebesingakubheka kuyena ngoba simbophele sazi ukuthi akekho fqatha ngendlela ejwayelekile,” kulandisa uNtseki.
Lo mqeqeshi ufongqe isigqoko kubalandeli beChiefs, wabacela ukuba balinike ithuba iqembu.
Sekuyinto ejwayelekile ukuthi abaqeqeshi beChiefs bacele ukubekezelelwa ngabalandeli. Leli qembu lingena onyakenyeni wesishiyagalombili lagcina ukuphakamisa indebe, okushiye abalandeli balo benolaka kule minyaka edlule.
“Ubuhlungu ababuzwayo siyabazi ngoba nakithina kubuhlungu ngendlela efanayo. Konke obekufanele sikwenze ukuze siqinisekise ukuthi iChiefs ibuyisa injabulo kubalandeli sikwenzile ngohlobo lwabadlali esilusayinisile.
“Bonke bafike bangena khaxa kodwa ngeke sikuzibe ukuthi baseqenjini elisha futhi yiqembu lelo linomqeqeshi omusha.”
UNtseki uthe uzosebenzisa okuningi akubone koweChippa, ukuqinisekisa ukuthi lokhu asekubambile akakudedeli.
“Okungijabulisile yindlela abadlali abasha abakhombise ngayo abalandeli ukuthi baphetheni. Izokhula le Chiefs baphinde baziqhenye ngayo abalandeli bayo.
“Sizogxila kakhulu kwesikwenza uma sesisebhokisini lezitha ngoba kucacile ukuthi emuva uGiven noThatayaone bafike nalokhu ebesikudinga emuva,” kuphetha uNtseki.
IChiefs idlala oweligi neMamelodi Sundowns kusasa ngo-3 ntambama, eLucas Moripe Stadium.
Imidlalo yeDStv Premiership:
Namuhla - Ngo-5pm: Richards Bay v Golden Arrows (King Zwelithini Stadium).
Ngo-7.30pm: Orlando Pirates v Royal AM (Orlando Stadium).
Kusasa - Ngo-3pm: Moroka Swallows v Cape Town City (Dobsonville Stadium); Mamelodi Sundowns v Kaizer Chiefs (Lucas Moripe Stadium).
Ngo-5.30pm: AmaZulu v SuperSport United (Moses Mabhida Stadium).
Ngo-7.30pm: Polokwane City v Stellenbosch (Old Peter Mokaba Stadium); Chippa United v TS Galaxy (Nelson Mandela Bay Stadium).
Ngo-8pm: Cape Town Spurs v Sekhukhune United.