UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uJoseph “Duku-Duku” Makhanya, ubhoboka ngokumenze wakhihla isililo emuva kokwehlula iMamelodi Sundowns koweDStv Diski Challenge ngempelasonto.
IPirates ibuye ikade isilandela ngemuva yagcina inqobe ngo 2-1 emdlalweni obekufanele iwuwine noma yikanjani ukuze izohlala embangweni wesicoco seligi oholwa yiSuperSport United.
Obekufaka ingcindezi kakhulu kwiPirates ukuthi idlale emuva kokuthi iSuperSport yehlulwe yiLamontville Golden Arrows emdlalweni wokuqala wosuku eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, ngempelasonto edlule.
Ngokuthatha amaphuzu amathathu kwiSundowns, iPirates yenyukele endaweni yesibili kwi-log ngamaphuzu angu-57. Isisele ngamabili kwiSuperSport eseqhulwini ngawu-59. ICape Town City, edlale ngokulingana neKaizer Chiefs ngo 2-2, yehlele endaweni yesithathu ngamaphuzu angu-56 emuva kwemidlalo engu-28.
Emuva kokukhala kwempempe yokuqeda umdlalo wePirates neSundowns, uMakhanya uhluleke wukuzibamba, wabonakala ekhala ebambe umdlali wezakhe uMohau Nkota oshaye igoli lokuwina seliyoshona.
Ngaphambi komdlalo wangempelasonto, bekubukeka iPirates isiphumile embangweni weligi ngenxa yokulahla kwayo amaphuzu imidlalo ilandelana.
"Ukuthi kuningi esidlule kukhona nalezi zintwana. Ngakho ubuhlungu esibuzwile ndawonye bukhulu. Bekufanele sibuchithele lapha. Bekuwumdlalo obuvusa ubuhlungu. Ngakho bekufanele siwuwine noma yikanjani ngoba abadlali bayakwazi esikulwelayo. Emidlalweni edlule asenzanga kahle. Besibheka imiphumela ngaphezu kokudlala. Ngakho ngijabule ngendlela abadlale ngayo. Badlale ngendlela ebengifuna ngayo okuyinto engiziqhenyayo ngayo," kusho uMakhanya ngemuva komdlalo.
"Lezi zintwana bezihlala zisemotweni yami noma yikuphi lapho engiya khona. Okungivusela umunyu wubudlelwano esinabo. Ubuhlungu ababuzwayo ngiyabuzwa. Ngesikhathi (uNkota) eqhubeka nokuhlulwa amathuba, ngiyazi ukuthi ubezizwa kanjani ngoba ubengithembisile ukuthi uzolishaya igoli. Ngesikhathi elishaya, ngivele ngakhala. Lokhu kukhombisa ukuxhumana ngokomoya okukhona phakathi kwabadlali nami."
Naye uNkota uchiphizile ngemuva kokushaya leli goli, alithole ngemuva kokugeja amanye amathuba abengoqekelele.
Ukuze iPirates ihlale ethubeni lokuphakamisa indebe idinga ukuwina yomibili imidlalo esele, ithandazele ukuthi iSuperSport ilahle amaphuzu komunye wemidlalo yayo. Ngempelasonto, eZimnyama zizodlala neRichards Bay. Zizovala isizini neLamontville Golden Arrows ngoMeyi 13. ICity izogadulisana neTS Galaxy, ivale neSundowns. ISuperSport kufanele iyozama amaphuzu kwiSwallows ngempelasonto ngaphambi kokuphetha isizini neKaizer Chiefs.
Imiphumela yemidlalo yeDStv Diski Challenge:
Swallows 2-4 Sekhukhune United; Richards Bay 0-1 AmaZulu; TS Galaxy 2-0 Chippa United; Maritzburg United 0-2 Marumo Gallants; Golden Arrows 2-1 SuperSport United; Orlando Pirates 2-1 Mamelodi Sundowns; Stellenbosch 5-0 Royal AM; Kaizer Chiefs 2-2 Cape Town City.