AYISEKHO emhlabeni ingqwele yomqeqeshi okuseyiyo yodwa eyaqukula isicoco neBafana Bafana, uClive Barker, odlule emhlabeni ngoMgqibelo ekuseni esibhedlela saseThekwini.
UBarker (78), ubesenesikhathi exinwe wukugula okunhlobonhlobo okuhambisana nokukhula.
Wazakhela ukuhlonishwa ebholeni ehola iBafana inqoba i-1996 Caf Africa Cup of Nations ngaphambi kokuba ngumqeqeshi wokuqala ukuyifaka kwiFifa World Cup nebiseFrance ngo-1998.
NgoMashi uBarker, odume ngele “The Dogg” kwabamthandayo ezinhlakeni zebhola, uphinde wangeniswa esibhedlela lapho etholwe khona ukuthi uneLewy body dementia (LBD - okuphazamisa ukusebenza komqondo).
Ekuqaleni konyaka ubelaliswe esibhedlela ngenxa ye-aneursym (ukuvuvuka kwemithambo yegazi).
Impilo kaBarker yebhola ishicilelwe encwadini kaMichael Marnewick ethi “Coach - The life and soccer times of Clive Barker“.
Ngo-Ephreli kudlule emhlabeni umlingani kaBarker, u-Ian McIntosh ocije iSharks namaBhokobhoko.
Emaqenjini acijwe nguBarker, kubalwa naMaZulu FC okunguye obewacija egcina ukunqoba isicoco ngeCoca Cola Cup ngo-1992.