ISOUTH African Football Association (Safa) KwaZulu-Natal, izoqala olunye uphenyo olunzulu mayelana nemibiko okusolwa kuyo esinye sezikhulu zeMilford, ngokugwazela unompempe ngesikhathi leli qembu lizodlala noMkhwakhwini Classic ngempelasonto edlule koweKZN ABC Motsepe League.
Izolo ezinkundleni zokuxhumana kuvele incwadi ebizungeza enophawu loMkhwakhwini ebibhekiswe kuNomkhosi Zulu oyisikhulu seSafa.
Kuyo isikhulu soMkhwakhwini sinxusa iSafa ukuthi kuphindwe umdlalo wayo neMilford noma kujeziswe izikhulu zayo nonompempe ngokupheka umphumela walo mdlalo. Lo mdlalo ka-Stream A, obuseMelmoth Rugby Stadium, ugcine uphele ngo-3-1 kunqoba iMilford.
Kafushane kule ncwadi isikhulu soMkhwakhwini, siveza ukuthi safika enkundleni uDlamini ehleli nonompempe emotweni emhlophe iVW Golf.
Sithi sazinika isikhathi saubuka konke okwakwenzeka emotweni emhlophe.
Le ncwadi iqhuba ithi emuva kwemizuzu elishumi saphuma emotweni yaso ngenhloso yokuyotshela isikhulu esithintekayo ukuthi sikubonile obekwenzeka.
"Ngathi uma ngimqonda u.... (edalula igama lesikhulu) wavele wathi onompempe ngabafana bakhe, naye ube unompempe isikhathi eside. Yangithusa le mpendulo ngabe sengilinda ukuqala komdlalo. Iningi lezinqumo zikanompempe zazivuna iMilford. Unompempe wanika iMilford igoli lokuqala ekubeni umdlali wayo ubedlalise owethu kabi. Unompempe waphinde wasincisha iphenathi eyayicace bha," ifundeka kanje le ncwadi.
UKwenzokwakhe Ngwenya ongumengameli weSafa KZN ukuvumile ukuthi bayitholile le ncwadi iphuma kuMkhwakhwini.
"Impela siyitholile le ncwadi. Ngeke ngiphawule okuningi kodwa engingakuveza ukuthi sizoqala uphenyo olunzulu. Zibucayi kakhulu lezi zinsolo. Asihambisani neze nokuphekwa kwemidlalo noma ukugwazelwa konompempe. Uma iyiqiniso le mibiko, abathintekayo bazobizelwa ekomitini eliqula amacala. Le mibiko asiyiphiki futhi asiyivumi, sisaphenya," kubeka uNgwenya.
Isolezwe lisithintile isikhulu seMilford esisolwayo, naso savuma ukuthi siyibonile.
"Mina ngiyithunyelelwe abanye. Ngizophawula ngayo uma sengithintwe iSafa ngokusemthethweni," kubeka sona ngamafuphi.
Kuvela le mibiko, ngeledlule, Isolezwe lishicilele udaba lweNewcastle All Stars ecebe unompempe ethi wayefuna ukuyigwazisa ngaphambi komdlalo wayo neMidlands Wanderers. UNgwenya ukuqinisekisile ukuthi umisiwe lo nompempe ngenxa yokuthi usaphenywa.
Lesi sikhulu siveze ukuthi ngesikhathi kuqulwa amacala eMotsepe League ngesonto eledlule, iMidlands ihlawuliswe u-R20 000 yaphucwa namaphuzu amathathu ngokutholwa necala lokushaya unompempe ibhekene neGWP Friends.
Kwelinye icala iHappy Wanderers ihlawuliswe u-R10 000 yaphucwa namaphuzu amathathu ngenxa yokuhluleka ukuthola inkundla kumele ibhekane neMilford.